“Kuyakuthi sengikushiyile, uMoya kaSimakade ukuthathe ukuyise lapho ngingazi khona, lapho sengifika ngimbikela u-Ahabi, bese engakufumani, uyakungibulala, kepha mina, nceku yakho, ngiyamesaba uSimakade kwasebusheni bami.
Mathewu 20:2 - IsiZulu 2020 Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu ngosuku, wazithumela esivinini sakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu* ngosuku, wazithumela esivinini sakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu ngosuku, wazithumela esivinini sakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu ngosuku, wazithumela esivinini sakhe. |
“Kuyakuthi sengikushiyile, uMoya kaSimakade ukuthathe ukuyise lapho ngingazi khona, lapho sengifika ngimbikela u-Ahabi, bese engakufumani, uyakungibulala, kepha mina, nceku yakho, ngiyamesaba uSimakade kwasebusheni bami.
Ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana, waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakhe. Kwathi ngonyaka we-12, waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, o-Ashera, izithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.
Khumbula uMdali wakho ezinsukwini zobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, neminyaka ingakasondeli oyothi ngayo: “Angithokozi.”
“Kepha kwathi iphuma nje leyo nceku, yahlangana nenye yezinceku ezikanye nayo eyayiyikweleta odenariyu abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, ithi: ‘Khokha lokho ongikweleta khona.’
“Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu, owaphuma ekuseni ukuyoqasha izisebenzi ukuba ziye esivinini sakhe.
“Kepha waphendula wathi komunye wabo: ‘Mngani, angikuqoli; kanti asivumelananga yini ngodenariyu na?
“Waphuma futhi ngehora lesithathu, wabona abanye bemi esigcawini, bengenzi lutho;
“Kuthe lapho zifika ebeziqashwe ngehora le-11, kwaba yileso naleso sahola udenariyu.
Kepha Yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu, ngiwubone.”
Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayukuliphuza iwayini nophuzo olunamandla; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.
Ngakusasa wakhipha odenariyu ababili, wabanika umninindlu yezihambi, wathi kuye: ‘Mnakekele, zonke izindleko ezenzekayo ngaphezu kwalokhu, ngiyakukukhokhela zona uma sengibuya.’
“Ngikhombiseni udenariyu; umfanekiso nombhalo kabani okuwo na?” Bathi: “OkaKhesari.”
nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.
Ngase ngizwa kusengathi yizwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolo ngodenariyu, nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu, kodwa amafutha newayini ungakoni.”
USamuweli wakhonza uSimakade kusukela esemncane. Wayegqoka ingubo yamahlombe eyenziwe ngelineni.
Umntwana uSamuweli wayemkhonza uSimakade, phambi kuka-Eli. Izwi likaSimakade lalingavamile ngalezo zinsuku, nombono wawuyivelakancane.
USimakade waqhubeka wabonakala eShilo, ngokuba wazembula kuSamuweli ngezwi likaSimakade.