Mathewu 19:6 - IsiZulu 2020 Ngalokho-ke abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungehlukaniswa muntu.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungahlukaniswa muntu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungahlukaniswa muntu. |
Bese nibuza nithi: ‘Ngani na?’ Ngoba uSimakade ubengufakazi phakathi kwakho nonkosikazi wobusha bakho, wena ongethembekanga kuye, obewumngani wakho nonkosikazi wesivumelwano sakho.
“USimakade uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Phela ngiyasizonda isehlukaniso, nozimbathisa ngobudlova bube yingubo yakhe,’ ” kusho uSimakade Wamabandla. Ngalokho-ke qaphelani emoyeni wenu ukuba ningakhohlisi.
wayesethi: ‘Ngenxa yalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo: labo ababili bayakuba nyamanye’ na?
Bathi kuye: “Pho uMose wayalelani ukuba akanikwe incwadi yesehlukaniso, alahlwe na?”
Ngokuba owesifazane oganile ubophelekile ngokomthetho endodeni yakhe, inqobo nje uma isaphila; kodwa uma indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda.
Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.
Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo.