AbaFarisi nabaSadusi beza kuJesu bemlinga, bacela ukuba abakhombise isibonakaliso esivela ezulwini.
Mathewu 16:11 - IsiZulu 2020 Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” Baasraak Zulu New Testament Bible Aniqondi kanjani ukuthi angikhulumanga kini ngesinkwa ukuthi nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi na? Contemporary Zulu Bible 2024 Aniqondi kanjani ukuthi angikhulumanga kini ngesinkwa ukuthi nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi na? |
AbaFarisi nabaSadusi beza kuJesu bemlinga, bacela ukuba abakhombise isibonakaliso esivela ezulwini.
Base beqonda ukuthi akashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa, kepha imfundiso yabaFarisi nabaSadusi.
Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?
Ngaleso sikhathi kwabuthana izindimbane zabantu, zaze zanyathelana; uJesu wayeseqala ukukhuluma kubafundi bakhe, ethi: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.
Bazenzisi, niyakwazi ukubona okwenzeka emhlabeni nasesibhakabhakeni, pho kungani ningakwazi ukuqonda okwalesi sikhathi na?
Kwenziwa yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Yingokuba anifuni ukuzwa izwi lami.