Mathewu 16:1 - IsiZulu 2020 AbaFarisi nabaSadusi beza kuJesu bemlinga, bacela ukuba abakhombise isibonakaliso esivela ezulwini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE AbaFarisi nabaSadusi beza bemlinga bacela kuye ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwafika abaFarisi nabaSadusi, bamlinga bamcela ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwafika abaFarisi nabaSadusi, bamlinga bamcela ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini. |
Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?”
Ngalolo lusuku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza,
Ngakusasa, ngosuku olulandela uSuku Lokulungisela, abaphristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu,
Ngokuba ngithi kini: uma ukulunga kwenu kungadluli okwezazimthetho nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.
AbaFarisi, bekubona lokho, bathi kubafundi bakhe: “Kwenziwa yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?”
Kwase kusondela abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo. Babemlinga.
Kepha Yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu, ngiwubone.”
Kwase kusukuma isazimthetho esithile, samlinga sathi: “Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”
Babekusho lokhu bemlinga, ukuze babe notho lokummangalela. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini.
Kwathi besakhuluma nabantu, kwatheleka abaphristi nenduna yethempeli nabaSadusi,
Kwase kusuka umphristi omkhulu, nabo bonke ababenaye beqembu labaSadusi, begcwele umona.