UNkulunkulu wathi: “Makuvele izikhanyisi emkhathini ukuze zehlukanise imini nobusuku, zibe yinkomba yezinkathi neyezinsuku neyeminyaka,
Mathewu 15:2 - IsiZulu 2020 “Kwenziwa yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na? Ngokuba abazihlambi izandla uma bedla isinkwa.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na? Ngokuba abahlambi izandla nxa bedla isinkwa.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kungani abafundi bakho beqe isiko labadala na? ngoba abagezi izandla zabo nxa bedla isinkwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Kungani abafundi bakho beqe isiko labadala na? ngoba abagezi izandla zabo nxa bedla isinkwa. |
UNkulunkulu wathi: “Makuvele izikhanyisi emkhathini ukuze zehlukanise imini nobusuku, zibe yinkomba yezinkathi neyezinsuku neyeminyaka,
Izikhulu zenkosi ezazisesangweni zambuza uMoridekhayi, zathi: “Kungani weqa umyalo wenkosi na?”
Kepha uJesu waphendula wathi kubo: “Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na?
Babona abanye babafundi bakhe bedla izinkwa ngezandla ezingcolileyo, okungukuthi ezingageziwe.
AbaFarisi nezazimthetho bambuza bathi: “Kungani abafundi bakho bengaqhubi ngokwenkambiso yabadala na?”
Ngangilishoshozela ebuJudeni, elidlula abaningi kontanga nasesizweni sakithi, ngiwashisekela kakhulu kunabo amasiko okhokho bami.
Qaphelani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize ngokwemvelo yabantu, ngezimfundiso zokucathula kwezwe, okungesikho okukaKhristu.
Nina niyazi ukuthi nahlengwa ezintweni ezingasho lutho zokhokho benu, hhayi ngezinto eziphelayo njengesiliva noma igolide,