Wayesethi uMikhaya: “Uma uyobuya ngempela uphephile, uyakube engakhulumanga ngami uSimakade.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”
Mathewu 15:10 - IsiZulu 2020 Wayesebiza isixuku, wathi kuso: “Yizwani, niqonde. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesebabiza abantu, wathi kubo: “Yizwani, niqonde. Baasraak Zulu New Testament Bible Wasebiza amaxuku, wathi kuwo: Lalelani, liqedisise; Contemporary Zulu Bible 2024 Wasebiza amaxuku, wathi kuwo: Lalelani, liqedisise; |
Wayesethi uMikhaya: “Uma uyobuya ngempela uphephile, uyakube engakhulumanga ngami uSimakade.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”
Bekani izindlebe, nizwe, nize kimi, uyophila umphefumulo wenu; ngiyokwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.
Yathi: “Hamba uthi kulaba bantu: “ ‘Yizwani, yizwani, kodwa ningaqondi; bonani, bonani, kodwa ningazi.’
Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni.
Akusikho okungena emlonyeni okumngcolisayo umuntu, kodwa yilokho okuphuma emlonyeni okumngcolisayo umuntu.”
“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini.
ukuba uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa, ukuze nimazi kangcono Yena,
Ngakho-ke nathi, kusukela ngosuku esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela sicela ukuba nigcwaliswe ngolwazi lwentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya,
Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho.