Mathewu 12:22 - IsiZulu 2020 Kwase kulethwa kuye onamadimoni, eyimpumputhe futhi eyisimungulu; wamphulukisa, waze wabona, wakhuluma lo obeyisimungulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe eyisimungulu; wamphulukisa, kwaze kwathi oyisimungulu wakhuluma, wabona. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe nesimungulu; wamphulukisa, kwaze kwakhuluma, wabona nempumputhe nesimungulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe nesimungulu; wamphulukisa, kwaze kwakhuluma, wabona nempumputhe nesimungulu. |
Ngalolo lusuku izithulu ziyowezwa amazwi encwadi, amehlo ezimpumputhe ayobona ebumnyameni obuyisigayegaye.
Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa.
Nomoya abangcolileyo lapho bembona, babewa phansi phambi kwakhe, bamemeze, bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.”
ukuze uvule amehlo abo basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, baze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwalabo abangcweliswe ngokukholwa kimi.’ ”
Ukufika kwalowo ongenamthetho kuyacaca emsebenzini kaSathane, osebenza ngawo onke amandla, nangezibonakaliso, nezimangaliso ezingamanga,