Mathewu 11:4 - IsiZulu 2020 UJesu waphendula wathi kubo: “Hambani nimlandise uJohane ngalokho enikuzwileyo nenikubonileyo: IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu waphendula, wathi kubo: “Hambani nimlandise uJohane lokhu enikuzwayo nenikubonayo ukuthi: Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu waphendula, wathi kubo: Hambani nimtshele uJohane lokho enikuzwayo nenikubonayo; Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu waphendula, wathi kubo: Hambani nimtshele uJohane lokho enikuzwayo nenikubonayo; |
Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.
Isixuku esikhulu seza kuye silethe izinyonga, izimpumputhe, izimungulu, izilima, nabanye abaningi. Bababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa.
UJesu welula isandla sakhe, wamthinta, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka ngokushesha ochokweni lwakhe.
Kholwani ukuthi Mina ngikuBaba, noBaba ukimi. Uma kungenjalo, kholwani ngenxa yemisebenzi uqobo lwayo.
“Kepha nginobufakazi obedlula obukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, le misebenzi engiyenzayo, iyafakaza ngami ukuthi nguBaba ongithumileyo;