Mathewu 11:26 - IsiZulu 2020 Yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo. Baasraak Zulu New Testament Bible Kunjalo, Baba, ngokuba kube kuhle emehlweni akho kanjalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kunjalo, Baba, ngokuba kube kuhle emehlweni akho kanjalo. |
owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,
Ngaleso sikhathi uJesu wathokoza kuMoya oNgcwele, wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwembulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube kanjalo.
wathi: “Baba, uma uthanda yisuse kimi le ndebe, nokho kungabi ngokwentando yami, kube njengokuba kuthanda wena.”
UJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana ngezingubo zakhe, benzelana unkatho.
Balisusa-ke itshe. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga, ngokuba ungizwile.
“Manje umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Ngithi Baba, ngisindise kulo mzuzu na? Kepha kungenxa yalokhu ngifinyelele kulo mzuzu.
Baba, khazimulisa igama lakho.” Kwase kufika izwi livela ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, futhi ngizobuye ngilikhazimulise.”
Ngakho-ke unesihawu kulowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.
kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,
Lowo owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele; hhayi ngokwemisebenzi yethu, kodwa ngokwenhloso yakhe, nomusa esawuphiwa kuKhristu uJesu zingakabi bikho izikhathi;