Uyophendula izinhliziyo zoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise; funa ngifike ngishaye izwe ngiliqothule.”
Mathewu 11:13 - IsiZulu 2020 Ngokuba bonke abaphrofethi bomthetho baphrofetha kwaze kwafika uJohane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba abaprofethi bonke nomthetho baprofetha, kwaze kwafika uJohane. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba bonke abaprofethi nomthetho baprofetha kwaze kwafika uJohane. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba bonke abaprofethi nomthetho baprofetha kwaze kwafika uJohane. |
Uyophendula izinhliziyo zoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise; funa ngifike ngishaye izwe ngiliqothule.”
Kepha kusukela emihleni kaJohane uMbhabhadisi kuze kube manje, umbuso wezulu uyaphangwa, nabawuphangayo bayawuhlwitha.
Wayesebachazela konke okusemibhalweni ngaye, kusukela kuMose nakubaphrofethi bonke.
Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi engawakhuluma ngisenani, ngathi: ‘Kumele ukuba kugcwaliseke konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, kubaphrofethi, nasemaHubweni.’ ”
Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga Yena, namazwi abaphrofethi afundwa masabatha wonke, kodwa bawafeza ngokumlahla.
Kepha manje ukulunga kukaNkulunkulu kubonakalisiwe ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaphrofethi,