Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma engafuni ukulalela ngisho nalo ibandla, makabe njengowezizwe nomthelisi kuwe.
Mathewu 10:3 - IsiZulu 2020 uFiliphu, uBhartholomewu, uThomase, uMathewu umthelisi, uJakobe ka-Alifewu, uThadewu, IBHAYIBHELI ELINGCWELE noFiliphu, noBartolomewu, noTomase, noMathewu umthelisi, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, Baasraak Zulu New Testament Bible uFiliphu, loBartolomewu; uTomase, noMathewu umthelisi; uJakobe ka-Alfewu, noLebewu othiwa futhi uThadewu; Contemporary Zulu Bible 2024 uFiliphu, loBartolomewu; uTomase, noMathewu umthelisi; uJakobe ka-Alfewu, noLebewu othiwa futhi uThadewu; |
Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma engafuni ukulalela ngisho nalo ibandla, makabe njengowezizwe nomthelisi kuwe.
Phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, uJose, nonina wamadodana kaZebedewu.
Kuthe uJesu edlula lapho, wabona umuntu okuthiwa nguMathewu ehleli endaweni yokuthelisa, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke wamlandela.
Kwakukhona nabesifazane ababebukela, bebuqamama. Phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, uSalome, uMariya ozala uJakobe omncane noJose.
Kwathi edlula, wabona uLevi ka-Alifewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Wathi lacu, wamlandela.
u-Andreya, uFiliphu, uBhartholomewu, uMathewu, uThomase, uJakobe ka-Alifiyose, uThadewu, uSimoni uMkhanani,
“Abantu ababili benyukela ethempelini ukuyokhuleka, omunye engumFarisi, omunye engumthelisi.
UmFarisi wema, wakhuleka wathi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabo abanye abantu: izigebengu, izikhohlakali, iziphingi, nanjengalo mthelisi.
“Kepha umthelisi wema kude engafuni ngisho nokuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa wazithoba ezisola, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’
Emveni kwalokho uJesu waphuma, wabona umthelisi ogama lakhe nguLevi, ehleli endaweni okuthelwa kuyo, wathi kuye: “Ngilandele.”
UNathaniyeli wathi kuye: “Ungazelaphi na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngaphambi kokuba uFiliphu akubize phansi komkhiwane, ngakubona.”
Khona uThomase okuthiwa nguDidimu, wathi kwabanye abafundi ababenaye: “Masihambe nathi, ukuze sife kanye naye!”
UJuda, ongesiye u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kungani ukuba uthi uyakuzibonakalisa kithi, kodwa ungazibonakalisi kulo izwe na?”
UThomase wathi kuye: “Nkosi, asazi lapho uya khona. Pho singayazi kanjani indlela na?”
UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka ngihleli nani, namanje awukangazi, Filiphuna? Ongibonile Mina, umbonile uBaba. Pho usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo’ na?
kwakukhona lapho uSimoni Phethro, uThomase okuthiwa nguDidimu, uNathanayeli waseKhana eGalile, amadodana kaZebedewu, nabanye abafundi bakhe ababili.
Kuthe sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu, lapho babehleli khona: uPhethro, uJohane, uJakobe, u-Andreya, uFiliphu, uThomase, uBhartholomewu, uMathewu, uJakobe ka-Alfewu, uSimoni umZelothe, noJuda kaJakobe.
Esebathulisile ngesandla, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani ejele, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane ngalokho.” Waphuma, waya kwenye indawo.
Lapho bebona umusa engiwuphiweyo, uJakobe, noKhefase, noJohane: labo ababaziwa ngokuthi bayizinsika, banginika mina noBharnabha isandla sokunene sobudlelwano, ukuba thina sisebenze kwabezizwe, kodwa bona basebenze kwabasokileyo,
Mina Jakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Khristu, kuzo zonke izizwana ezili-12 ezihlakazekileyo, ngiyabingelela.
UJuda, inceku kaJesu Khristu nomfowabo kaJakobe, kubo bonke ababiziweyo nabathandiweyo bakaNkulunkulu uYise, nabagciniwe kuJesu Khristu.