Mathewu 10:19 - IsiZulu 2020 “Kepha kuyakuthi nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma nithini, ngokuba niyakuphiwa ngaleso sikhathi eniyakukukhuluma. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha kuyakuthi, nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma. |
Uyokhuluma naye, umtshele amazwi azowakhuluma ngomlomo wakhe, ngizokuba semlonyeni wakho nakowakhe, nginifundise enizokwenza.
Kepha uSimakade wathi kimi: “Ungathi kimi ungumfanyana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, futhi uyakukhuluma konke engikuyala ngakho.
USimakade wayeselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami; uSimakade wathi kimi: “Ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.
Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.
“Ngalokho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla, nomzimba kunesembatho na?
Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’
Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso liyakukhathalela okwalo. Inkathazo yosuku yanele lona.”
“Uma benihudulela emasinagogweni nakubabusi neziphathimandla ukuba nehlulelwe, ningakhathazeki ukuthi niyakuphendula kanjani, nokuthi niyakuthini.
Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomkhuleko, ngokunxusa nangokubonga.
Kepha iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, kuthi bonke abezizwe bayizwe, futhi ngakhululwa emlonyeni wengonyama.
Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho.