Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ”
Mathewu 10:16 - IsiZulu 2020 “Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba. Baasraak Zulu New Testament Bible Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba. Contemporary Zulu Bible 2024 Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba. |
Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ”
USimakade uNkulunkulu wabuza kowesifazane wathi: “Ukwenzeleni lokhu na?” Waphendula wathi: “Yinyoka engiluthile, ngasidla.”
Ngase ngimisa abantu ngokwemindeni yabo, ngezansi ezindaweni ezisemuva kogange nakwezisobala, benezinkemba, imikhonto neminsalo yabo.
Kepha uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, wathi kuJohanani, indodana kaKhareya: “Awuzukuyenza leyo nto, ngokuba uqamba amanga ngo-Ishmayeli.”
“Pho ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyibeke ukuba yengamele abendlu yayo, ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na?
“Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula, zathi: ‘Qha, funa angasaneli amafutha thina, nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele awenu.’
ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani.
Ngiyazi ukuthi kuzofika izimpisi ezinonya emuva kokuba sengihambile, ezingenakuwuhawukela umhlambi,
Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kepha yibani njengezingane ebubini, ekuqondeni nibe ngabakhulileyo.
Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.
Kepha nginovalo ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zedukiswe, ziyeke ubuqotho nobumhlophe kuKhristu.
Sigwema lokhu ukuba kungabi bikho osisolayo ngenxa yalesi sipho esikhulu esisiphetheyo,
ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala; abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso emhlabeni,
Ngakho-ke nathi, kusukela ngosuku esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela sicela ukuba nigcwaliswe ngolwazi lwentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya,
Nina kanye noNkulunkulu ningofakazi bokuthi sahlala kanjani nani, nina enikholwayo ngobungcwele, ngobuqotho nangokungasoleki.