Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 10:1 - IsiZulu 2020

UJesu wayesebiza abafundi bakhe abali-12, wabanika igunya phezu komoya abangcolileyo, ukuze babakhiphe. Wabanika nelokuphulukisa izifo zonke nokugula konke.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wayesebabiza abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nokugula konke.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Wabizela kuye abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo, ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nezifo zonke.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wabizela kuye abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo, ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nezifo zonke.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 10:1
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: nina eningilandelayo, ezweni elisha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi ezili-12, nehlulele izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.


Sekuhlwile, ehlezi esidlweni nabafundi bakhe abali-12,


Kwathi esakhuluma; kwafika uJuda, omunye wabali-12, ehamba nesixuku sabantu esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubaphristi abakhulu namalunga esizwe.


Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


UJesu wahamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa bonke abanezifo ezahlukene, nokugula konke.


Ngakho-ke nxusani iNkosi yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.”


Niyabona, ngininike igunya lokunyathela izinyoka nawofezela, naphezu kwamandla wonke esitha; akukho lutho oluyakunilimaza.


ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani.


Sengiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kodwa hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.”


Kuthe sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abali-12, wababiza ngokuthi abaphostoli:


Njengokuba uyiphe amandla phezu kwabantu bonke, ukuze bonke oyiphe bona, ibaphe ukuphila okuphakade.


UJohane waphendula, wathi: “Umuntu angemukele lutho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini.


UYise uyayithanda iNdodana, ngakho-ke unikele konke ezandleni zayo.


UJesu wabaphendula, wathi: “Anginikhethanga yini nina enili-12 na? Kepha omunye wenu ungusathane.”


Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, eJudiya lonke naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.”


Kepha umoya omubi waphendula, wathi kuwo: “UJesu ngiyamazi, noPawula ngimejwayele, pho nina ningobani?”


Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini: owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, ekhanda lakhe ethwele umqhele wezinkanyezi ezili-12.