UDavide wathumela, wabuza ngalo wesifazane, wathi: “Lo akusiye yini uBhathisheba, indodakazi ka-Eliyamu ongumka-Uriya, umHithi na?”
Mathewu 1:6 - IsiZulu 2020 uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya; IBHAYIBHELI ELINGCWELE uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya; Baasraak Zulu New Testament Bible UJese wazala uDavide inkosi; uDavide inkosi wazala uSolomoni ngumka-Uriya; Contemporary Zulu Bible 2024 UJese wazala uDavide inkosi; uDavide inkosi wazala uSolomoni ngumka-Uriya; |
UDavide wathumela, wabuza ngalo wesifazane, wathi: “Lo akusiye yini uBhathisheba, indodakazi ka-Eliyamu ongumka-Uriya, umHithi na?”
Lawa ngamazwi kaDavide okugcina. “Amazwi okugcina kaDavide, indodana kaJese, umuntu owaphakanyiswa nguNkulunkulu, ogcotshiweyo kaNkulunkulu ka-Jakobe, nomhlabeleli wezingoma ezimnandi kwa-Israyeli, uthi:
Lokhu wakwenza ngokuba uDavide weyenze okulungile emehlweni kaSimakade; akaphambukanga kukho konke ayemyale ngakho zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ngaphandle nje kodaba luka-Uriya, umHithi.
Nanka amagama abantwana abazala eJerusalema: uShamuwa, uShobhabhi, uNathani, uSolomoni,
Emadodaneni ami wonke, ngokuba uSimakade ungiphile amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni, indodana yami, ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaSimakade kwa-Israyeli.
Nanka-ke amadodana abamzalela wona eJerusalema: uShimeya, uShobhabhi, uNathani noSolomoni, ayemane, kuBhathi Shuwa, indodakazi ka-Amiyeli wazala:
Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kumile igatsha ezimpandeni zakhe, lithele.
uSalimoni wazala uBhowazi kuRakhabi, uBhowazi wazala u-Obhede kuRuthe, u-Obhede wazala uJesayi;
Phela lokho okwakwehlula umthetho, ngokuba inyama yemvelo iwuthene amandla, uNkulunkulu wakwenza ngokuthumela iNdodana yakhe inesimo somzimba wesono, ukuze ibhekane ngqo nesono, sinqotshwe isono enyameni,
USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”
UDavide wayeyindodana yomEfrathi waseBhethlehema Juda, ogama lakhe kunguJese. UJese wayenamadodana ayisishiyagalombili; wayesengumuntu omdala ngesikhathi sikaSawule.
USawule wathi kuye: “Uyindodana kabani wena mfana?” UDavide wamphendula wathi: “Ngiyindodana yenceku yakho uJese waseBhethlehema.”
Nina nonke ningenzele ugobe, akwaze kwaba bikho ongiluma indlebe ukuthi indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese. Akubanga bikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingilalele unyendle njengoba yenza namuhla.”