Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KwabaseKolose 1:7 - IsiZulu 2020

njengalokhu nafunda ku-Ephafra othandekayo, oyinceku kanye nathi, isikhonzi esethembekileyo sikaKhristu ngenxa yenu;

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

njengalokho nafunda ku-Ephafra othandekayo oyinceku kanye nathi, oyisikhonzi esithembekayo sikaKristu ngenxa yenu;

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

njengalokhu lafunda kuEphafra inceku kanye lathi ethandekayo, oyisikhonzi esithembekileyo sikaKristu ngenxa yenu;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

njengalokhu lafunda kuEphafra inceku kanye lathi ethandekayo, oyisikhonzi esithembekileyo sikaKristu ngenxa yenu;

Uka jalj uñjjattʼäta



KwabaseKolose 1:7
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa akunjalo ngenceku yami uMose; uthembekile kuyo yonke indlu yami.


“Nokho inceku ekanye nayo yawa phansi, yayincenga yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela.’


“Pho ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyibeke ukuba yengamele abendlu yayo, ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na?


“Inkosi yayo yathi kuyo: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka wengamele okuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’


Yingakho ngithumele kini uThimothewu, umntwana wami othandekayo nothembekileyo eNkosini. Yena uyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKhristu, njengalokhu ngifundisa ezindaweni zonke nasemabandleni onke.


Phezu kwalokho kufuneka ukuthi umuntu ophathisiweyo afunyanwe engothembekileyo.


Kepha maqondana nezintombi, anginawo umyalo weNkosi, kodwa ngibeka uvo lwami njengothembekileyo nowahawukelwa yiNkosi.


Bayizikhonzi zikaKhristu na? Ngikhulumisa okohlanya, ngokuba mina ngiyisikhonzi ukwedlula bona. Ngasebenza ngokuzikhandla okukhulu kunabo, ngaboshwa izikhawu eziningi kunabo, ngashaywa kaningi impela, ngaba phakathi kokufa kaningi.


nithobelane ngenxa yokumesaba uKhristu.


Kepha ngibone kudingekile ukuba ngithumele u-Ephafrodithu, umzalwane, isisebenzi nebutho kanye nami, isithunywa senu, nesikhonzi ekwesweleni kwami.


Uyakhonza kini u-Efratha ongomunye wenu, inceku kaKhristu uJesu, enilwela njalo emithandazweni, ukuze nime niphelele, niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.


UThikhikhu, umzalwane othandekayo nesikhonzi esithembekileyo, oyinceku kanye nami eNkosini, uyakunazisa konke okuqondene nami.


Uhambisana no-Onesimu, umzalwane othembekileyo nothandekayo, ongomunye wenu; bazakunazisa konke okwenzeka lapha.


Uma ubayala abazalwane ngalokhu, uyakuba yisikhonzi esihle sikaKhristu uJesu, wondliwe ngamazwi okukholwa nemfundiso enhle oyilandelayo.


Lokho okuzwile kimi phambi kofakazi abaningi, kwedlulisele kubantu abathembekileyo, abafanele ukufundisa abanye.


Uyakhonza u-Ephafra, engiyisiboshwa kanye naye ngenxa kaKhristu uJesu,


Ngakho kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumphristi omkhulu onozwelo nothembekileyo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.


owethembeka kulowo owammisayo, njengoMose naye owayenjalo endlini yakhe yonke.