Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KwabaseGalathiya 1:9 - IsiZulu 2020

Njengalokho sasho phambilini, sisasho namanje ukuthi uma kukhona onishumayeza ivangeli ngaphandle kwalelo enalemukelayo, lowo makaqalekiswe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Njengalokho sesishilo, ngisaphinda nakalokhu, ngithi: Uma umuntu enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo enalamukelayo, makabe ngoqalekisiweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Njengoba sesishilo ngaphambili, ngiyaphinda futhi manje: Uma umuntu enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo enalamukelayo, makabe ngoqalekisiweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Njengoba sesishilo ngaphambili, ngiyaphinda futhi manje: Uma umuntu enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo enalamukelayo, makabe ngoqalekisiweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta



KwabaseGalathiya 1:9
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ungenezeli emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaphrofethi abaphrofetha kini; bayanikhohlisa, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, hhayi okuphuma emlonyeni kaSimakade.


Kwathi esehlale khona isikhathi esithile, wahamba, wadabula eGalathiya naseFrigiya ngokulandelana, eqinisa bonke abafundi.


Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nibaqaphele abadala ukwahlukana nabaphazamisa imfundiso enafundiswa yona, nihlukane nabo,


ngokuba ngangifisa ukuba ngoqalekisiweyo, ngisuswe kuKhristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokobuzwe,


Ngabe ngangidlala yini uma ngihlela ukwenza lokho na? Noma kumbe izinto engizihlelayo ngikwenza lokho ngokwenyama ngilindele ukuthi yebo, yebo, noma qha, qha, ngesikhathi esifanayo na?


“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”


Aniyukuthasisela ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyukunciphisa lutho kulo, kodwa gcinani imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.


Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Akungikhathazi ukuphinde nginilobele khona lokho, kodwa nina kuyanilonda.


Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: thokozani!