Ngisaphila ngizomdumisa uSimakade, ngihube kuNkulunkulu wami ngisadla anhlamvana.
KwabaseFilipi 4:4 - IsiZulu 2020 Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: thokozani! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani! Baasraak Zulu New Testament Bible Jabulani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Jabulani. Contemporary Zulu Bible 2024 Jabulani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Jabulani. |
Ngisaphila ngizomdumisa uSimakade, ngihube kuNkulunkulu wami ngisadla anhlamvana.
nokho mina ngiyakujabula ngoSimakade, ngithokoze ngoNkulunkulu wensindiso yami.
Jabulani, nithokoze ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaphrofethi abanenduleleyo.”
Kepha phakathi nobusuku uPawula noSila bekhuleka bedumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zazibalalele.
Ngakho-ke basuka phambi komkhandlu bethokoza, ngokuba betholakale bekufanele ukuthelwa ngehlazo ngenxa yalelo gama.
njengabadabukileyo, kodwa sithokoza njalo, njengabampofu, kepha sibe sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.
Kepha noma ngabe yithi noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli ngaphandle kwalelo esanishumayeza lona, lowo makaqalekiswe.
Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Akungikhathazi ukuphinde nginilobele khona lokho, kodwa nina kuyanilonda.
Kepha thokozani njengalokhu nihlanganyela ezinhluphekweni zikaKhristu, ukuze futhi nithokoze, nethabe nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe.