Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu, angizivalanga izindebe zami, Simakade, Wena uyakwazi lokho.
KwabaseFilipi 2:16 - IsiZulu 2020 nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzigqaja ngosuku lukaKhristu ngokuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ubala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize. Baasraak Zulu New Testament Bible nibambelele ezwini lokuphila; ukuze ngizibonge ngosuku lukaKristu, ukuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ize. Contemporary Zulu Bible 2024 nibambelele ezwini lokuphila; ukuze ngizibonge ngosuku lukaKristu, ukuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ize. |
Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu, angizivalanga izindebe zami, Simakade, Wena uyakwazi lokho.
Nkulunkulu, wangifundisa kwasebusheni bami, namanje ngisamemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo.
Kodwa ngase ngithi: “Ngikhandlekele ize, amandla ami ngiwachithele okuyize nokungelutho; nokho ubulungiswa obungifanele bukuSimakade, nomvuzo wami ukuNkulunkulu wami.”
Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kumemezeleni phezu kwezindlu.
“Ngithi kini, yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, neNdodana yomuntu iyakumvuma phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu.
NguMoya ongophilisayo, inyama ayisizi ngalutho. Amazwi engiwakhulume kini angumoya, futhi angukuphila.
USimoni Phethro wamphendula, wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.
“Madoda, bazalwane, madodana olibo luka-Abhrahama, nalabo phakathi kwenu abesaba uNkulunkulu; izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.
NguYena oyakuniqinisa nani kuze kube sekugcineni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Khristu.
Ngakho-ke mina ngiyagijima, kungekhona ukuthi kangiqondi; ngiyagadla, kungekhona ukuthi ngishaya umoya.
njengalokhu nisazile ingxenye, ukuthi siyiqholo lenu, kanjalo-ke nani ningelethu ngosuku lweNkosi yethu uJesu.
Ngakhuphuka ngenxa yesambulo, ngabalandisa ivangeli engilishumayelayo phakathi kwabezizwe. Kepha lokho ngakukhuluma sesisodwa nalabo abadumileyo, funa mhlawumbe ngigijimele ize, noma sengaligijimela.
ukuba nikwazi ukukhetha okusemqoka, ukuze nibe mhlophe, futhi ningabi nasici osukwini lukaKhristu;
Nginesibindi ngempela sokuthi owuqalile umsebenzi omuhle kini uzakuwufeza, kuze kube wusuku lukaKhristu uJesu.
Ngokuba liyini ithemba lethu, ukuthokoza nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu ekufikeni kwakhe, uma kungeyini na?
Ngakho-ke nami lapho sekungiphelele ukubekezela, ngathumela ukuba ngazi ngokukholwa kwenu, funa kambe umlingi wanilinga, bese ukukhandleka kwethu kuba yize.
Phela izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nganhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukaniswe umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha, lehlulela imicabango, nezizindlo zenhliziyo.
Senizelwe kabusha nina, hhayi ngembewu ephelayo, kodwa ngengapheliyo, ngezwi eliphilileyo nelimiyo likaNkulunkulu,
Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, sakuphatha ngezandla zethu, okwezwi lokuphila.
UMoya nomakoti bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.