USimakade wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”
KwabaseFilipi 2:11 - IsiZulu 2020 nezilimi zonke zivume ukuthi UJESU KHRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise. Baasraak Zulu New Testament Bible lokuthi zonke izilimi zivume ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uBaba. Contemporary Zulu Bible 2024 lokuthi zonke izilimi zivume ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uBaba. |
USimakade wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”
Ngakho-ke ngiyakumbonga phakathi kwezizwe; Simakade, ngiyakulihubela igama lakho.
Ezinsukwini zalo, uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo, lokuthi: USIMAKADE UNGUKULUNGA KWETHU.
“Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini.
Nokho-ke nakuba kunjalo, ababusi abaningi bakholwa kuye, kodwa ngenxa yabaFarisi abamvumanga esidlangalaleni, funa baxoshwe esinagogeni,
Uma Mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke kufanele nigezane izinyawo.
Noma yini eniyakuyicela egameni lami, ngiyakuyenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.
UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.
UJesu wakhuluma lezi zinto, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile, khazimulisa iNdodana, ukuze iNdodana ikukhazimulise.
ukuze bonke bayihloniphe iNdodana njengalokhu behlonipha uYise. Ongayihloniphi iNdodana, kamhloniphi noYise oyithumileyo.
Abazali bayo basho lokho, ngokuba babesaba abaJuda, lokhu abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma kukhona ovuma ukuthi unguKhristu, uzakunqunywa esinagogeni.
Walithumela izwi kubantu bakwa-Israyeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu uKhristu; okunguYena oyiNkosi yabo bonke.
“Ngakho-ke yonke indlu yakwa-Israyeli mayazi ngokweqiniso ukuthi nguNkulunkulu omenzile iNkosi noKhristu lo Jesu enambethela nina esiphambanweni.”
Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ngifunga ukuphila kwami, wonke amadolo ayoguqa kimi, nezilimi zonke ziyovuma, uNkulunkulu.’ ”
Ngenxa yalokho uKhristu wafa, wabuye waphila ukuze abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo.
nabezizwe bamdumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe, njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Ngakho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe, ngihubele igama lakho;”
Ngakho-ke ngiyanazisa ukuthi: akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Makaqalekiswe uJesu,” futhi akekho ongathi: “UJesu uyiNkosi,” ebe engaholwa nguMoya oNgcwele.
Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, enziwe ngomhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini.
kodwa kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela konke kuye, futhi esiphilela Yena, neNkosi yinye, uJesu Khristu, okungaye kukhona konke, nathi sikhona ngaye.
okungaye nikholwa kuNkulunkulu, Yena owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu nethemba lenu kube kuNkulunkulu.
Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.
UMoya kaNkulunkulu niyakumazi ngalokhu: bonke omoya abakuvumayo ukuthi uJesu Khristu uzelwe waba ngumuntu bangabakaNkulunkulu.
Baningi abakhohlisi abaphumele ezweni; labo abangavumi ukuthi uJesu Khristu uze emhlabeni waba ngumuntu. Lowo osho kanjalo ungumkhohlisi nomphikukhristu.
Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, igama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, futhi ngiyakulivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.