Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




Johane 14:23 - IsiZulu 2020

23 UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 14:23
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wayesethi: “Masenze abantu babe ngumfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nomhlaba wonke, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.”


Wozani sehle, siphambanise ulimi lwabo, khona bezogcina bengasezwani ukuthi omunye uthini komunye.”


Nkosi, Wena uyisiphephelo sethu izizukulwane ngezizukulwane.


Lowo ohlala emphemeni woPhezukonke akhosele emthunzini kaSomandla,


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


“Uma ningithanda, niyakuyigcina imiyalo yami.


uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, futhi lingamazi. Nina niyamazi Yena, lokhu uhlala nani, uyakuba kini.


“Lowo onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo. Ongithandayo uyakuthandwa nguBaba; nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”


Ongangithandiyo akawagcini amazwi ami. Izwi enilizwayo akusilo elami, kodwa ngelikaBaba ongithumileyo.


Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.


Ngokuba uBaba luqobo uyanithanda, lokhu nina ningithandile, nakholwa ukuthi Mina ngavela kuNkulunkulu.


Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa nanini.”


AbaJuda bathi kuye: “Manje sesiyazi ukuthi unedimoni. U-Abhrahama wafa, nabaphrofethi bafa, kepha wena-ke uthi: ‘Uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akuzwa ukufa nanini.’


Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo njengalokhu uNkulunkulu, ethi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo. Ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”


UKhristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni,


Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni, makuhlale kini. Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise.


Kepha ogcina izwi lakhe, impela uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye.


Nina bantwanyana ningabakaNkulunkulu, nibahlulile, ngokuba lo okini mkhulu kunalowo osezweni.


Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba siyigcine imiyalo yakhe, futhi imiyalo yakhe ayinzima.


Uthando yilolu-ke, ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe. Yilo umyalo, njengalokho nawuzwa kwasekuqaleni, okumelwe sihambe ngawo.


Angilibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu, uSomandla, iyithempeli lawo kanye neWundlu.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Ithabanakeli likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, Yena abe nguNkulunkulu wabo.


Akusayukuba khona nokukodwa ukuqalekisa. Isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo, nezinceku zakhe ziyakumkhonza,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka