ngaphandle kokuthi uMoya oNgcwele uyangazisa ukuthi kulowo nalowo muzi ngilindelwe ukuboshwa nezinhlupheko.
KwabaseFilipi 1:7 - IsiZulu 2020 Nakuba kufanele ukuba ngicabange kanjalo ngani nonke, ngokuba nisenhliziyweni yami nonke, lokhu nina nonke nihlanganyele nami emseni, ekuboshweni kwami, ekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni. Baasraak Zulu New Testament Bible njengokuba kufanele ukuba ngikucabangele lokhu nonke, ngokuba nginenu enhliziyweni yami; njengoba naseziboshweni zami, nasekuvikeleni nasekuqiniseni ivangeli, nina nonke ningabahlanganyeli bomusa wami. Contemporary Zulu Bible 2024 njengokuba kufanele ukuba ngikucabangele lokhu nonke, ngokuba nginenu enhliziyweni yami; njengoba naseziboshweni zami, nasekuvikeleni nasekuqiniseni ivangeli, nina nonke ningabahlanganyeli bomusa wami. |
ngaphandle kokuthi uMoya oNgcwele uyangazisa ukuthi kulowo nalowo muzi ngilindelwe ukuboshwa nezinhlupheko.
Yayisisondela induna yenkulungwane, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yayisibuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.
Nina niyincwadi yethu ebhalwe ezinhliziyweni zethu, eyaziwa futhi ifundwa ngabantu bonke.
Lokhu angikusho ukuze nginilahle, njengalokhu nganitshela naphambilini ukuthi nisezinhliziyweni zethu; ukuba sife nani, siphile nani.
Ngenxa yalokho, mina Pawula ngiyisiboshwa sikaKhristu uJesu ngenxa yenu, nina bezizwe.
Ngakho-ke mina siboshwa eNkosini ngiyanikhuthaza ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,
engiyinxusa lalo eliboshwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.
Bazalwane, ngithanda ukuba nazi ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine sekuqhubekisela phambili ivangeli.
Kwaze kwabacacela bonke abasendaweni yokwahlulela nabo bonke abanye, ukuthi ukuboshwa kwami kungenxa kaKhristu.
Kanjalo-ke iningi labazalwane eNkosini laba neqholo ngokuboshwa kwami, lakulungela ukukhuluma izwi lingesabi.
ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela ngosuku lokuqala kuze kube manje.
Kepha niyakwazi ukwethembeka kwakhe ukuthi ukubonakalisile ngokusebenza nami, njengendodana isebenza noyise ngenxa yevangeli.
Nina baseFiliphi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ngesikhathi ngiphuma eMakhedoniya, kwakungekho ngisho nelilodwa ibandla elahlanganyela nami maqondana nokupha nokwamukela, ngaphandle kwenu kuphela.
Yebo, ngiyakunxusa nawe mhlobo wami oqotho, ukuba ubalekelele labo besifazane, ngokuba bahlanganyela nami evangelini, benoKlemente nezinye izisebenzi zami, amagama azo alotshiwe encwadini yokuphila.
Lo mkhonzo ngiwubhale ngesandla sami, mina Pawula. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.
Nisikhulekele nathi ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sishumayele imfihlakalo kaKhristu engiboshwe ngenxa yayo,
ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, nabantwana bemini; asisibo abobusuku noma abobumnyama.
Ngakho-ke ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu, nangami engiyisiboshwa sayo, futhi hlanganyela nami ekulihluphekeleni ivangeli ngamandla kaNkulunkulu.
engihlupheka ngenxa yalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi, kodwa izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.
ebengifisa ukumgcina ahlale lapha ukuze angisize esikhundleni sakho, njengoba ngisaboshwe ngenxa yevangeli.
Ngakho-ke bazalwane abangcwele enihlanganyela obizweni lwasezulwini, bhekisisani umPhostoli nomPhristi omkhulu wesivumo sethu, uJesu,
Kepha thokozani njengalokhu nihlanganyela ezinhluphekweni zikaKhristu, ukuze futhi nithokoze, nethabe nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe.
Ngakho-ke ngiyawagqugquzela amalunga aphakathi kwenu, mina engiyilunga kanye nawo, nofakazi wezinhlupheko zikaKhristu, nomhlanganyeli enkazimulweni ezakwembulwa, ngithi:
Ngibona kufanele, inqobo nje uma ngisaphila kuleli dokodo, ukuba nginivuselele ngokunikhumbuza,
Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba siyabathanda abazalwane; ongabathandiyo uhlezi ekufeni.