USimakade uzoyifeza injongo yakhe ngami. Simakade, umusa wakho umi phakade, ungayishiyi imisebenzi yezandla zakho.
KwabaseFilipi 1:6 - IsiZulu 2020 Nginesibindi ngempela sokuthi owuqalile umsebenzi omuhle kini uzakuwufeza, kuze kube wusuku lukaKhristu uJesu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu, Baasraak Zulu New Testament Bible nginethemba lalokho ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaJesu Kristu; Contemporary Zulu Bible 2024 nginethemba lalokho ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaJesu Kristu; |
USimakade uzoyifeza injongo yakhe ngami. Simakade, umusa wakho umi phakade, ungayishiyi imisebenzi yezandla zakho.
UJesu waphendula, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo wokuba nikholwe nguye amthumileyo.”
Sebekuzwile lokho, bathula du, badumisa uNkulunkulu, bethi: “Impela uNkulunkulu ubanikile nabezizwe ukuphendukela ekuphileni.”
Owesifazane othile, ogama lakhe linguLidiya, wasemzini waseThiyathira, othengisa ezibukhwebezane, okhonza uNkulunkulu, walalela. INkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba alalelisise lokho okwakukhulunywa nguPawula.
NguYena oyakuniqinisa nani kuze kube sekugcineni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Khristu.
Ngenxa yaleli themba, ngahlela ukuba ngize kini kuqala, ukuze nithole umusa ngokuphindiwe, ngokunivakashela kwami;
Ngilobe lezi zinto, ukuze kuthi uma ngifika, ngingezwiswa ubuhlungu yilabo obekufanele ngithokoze ngabo. Nginesibindi ngani nonke ukuthi ukuthokoza kwami kungokwenu nonke.
funa uma sengifika nabaseMakhedoniya banifumane ningazilungiselele, bese siyaphoxeka singasakwazi ukunitusa ngalo msebenzi.
Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyukucabanga ngenye indlela. Kepha noma ngabe ngubani lowo onikhathazayo, uyakuthwala ukwehlulelwa.
ukuba nikwazi ukukhetha okusemqoka, ukuze nibe mhlophe, futhi ningabi nasici osukwini lukaKhristu;
Ngokuba nina nabelwe ngenxa kaKhristu, hhayi nje ukuba nikholwe kuye, kodwa nokuba nihlupheke ngenxa yakhe,
Ngakho-ke bathandekayo bami, njengalokhu nalalela ngezikhathi zonke, hhayi nje uma ngikhona, kodwa ikakhulu manje njengokuba ngingekho; fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.
Ngokuba uNkulunkulu nguye osebenza kini ukuba nithande, futhi nenze ngokwentando yakhe.
nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzigqaja ngosuku lukaKhristu ngokuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ubala.
nimbelwe kanye naye ngombhabhadiso, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.
sikhumbula umsebenzi wenu wokukholwa, umshikashika wothando, nethemba lenu eliqinileyo eNkosini yethu uJesu Khristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu.
Ngenxa yalokho, siyanikhulekela njalo, ukuze uNkulunkulu wethu anenze nifanele ukubizwa kwenu, akuphelelise ngamandla konke okuhle enikuthandayo nomsebenzi wokukholwa,
Sinesibindi eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakukwenza, nokuthi nizakuqhubeka nikwenze.
Ngikulobela lokhu ngoba ngineqiniso lokuthi uzongilalela, ngiyazi futhi ukuthi engikushilo ngenhla uzokwenza.
sibhekile kuJesu ongumqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo, wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.
Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.
Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela lapho amazulu eyakushabalala ngokushesha okukhulu; kuyakusha konke emlilweni, kubhujiswe; nomhlaba nayo yonke imisebenzi yawo, kungabe kusaba bikho.