Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KumaHeberu 8:2 - IsiZulu 2020

uyisikhonzi sokungcwele nesethabanakeli lempela, elamiswa yiNkosi, hhayi umuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

isikhonzi sokungcwele nesetabernakele* lempela elamiswa yiNkosi kungemuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Isikhonzi sendlu engcwele, nesetabernakele eliqinisileyo elamiswa yiNkosi, kungengamuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Isikhonzi sendlu engcwele, nesetabernakele eliqinisileyo elamiswa yiNkosi, kungengamuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta



KumaHeberu 8:2
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yenzani konke njengalokho engizakunikhombisa khona, umfanekiso wethabanakeli, nayo yonke impahla ekulo, niyakuyenza kanjalo.”


“Biza u-Aroni umfowenu phakathi kwabantu bakwa-Israyeli namadodana akhe, uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari beze kuwe, ukuba babe ngabaphristi bami bangikhonze.


U-Aroni uyakuyigqoka njalo uma eyokhonza, ukukhenceza kwayo kuyozwakala lapho eya endaweni engcwele phambi kukaSimakade, nalapho ephuma, ukuze angafi.


UMose wayevame ukuthatha ithende alimise ngaphandle kwenkambu, buqamama nayo, walibiza ngokuthi yithende lokuhlangana. Yilowo nalowo owayenodaba afuna ukuzwa ngalo kuSimakade, wayehamba aye ethendeni lokuhlangana elalingaphandle kwenkambu.


Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi engawakhuluma ngisenani, ngathi: ‘Kumele ukuba kugcwaliseke konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, kubaphrofethi, nasemaHubweni.’ ”


Ngokuba ngithi, uKhristu waba yisikhonzi sabasokileyo ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso ezaphiwa okhokho;


Ngokuba siyazi ukuthi uma idokodo eliyindlu yethu yasemhlabeni lidilizwa, thina sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, engeyaphakade, esezulwini.


enasokelwa kuye, hhayi ngokusoka okwenziwa ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, kodwa ngokusoka kukaKhristu;


Yilowo nalowo mphristi uyama ekhonza imihla ngemihla, enikela engaphezi ngayo leyo mihlatshelo engakwazi ukususa izono.


njengokuba sinomphristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu,


ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omdwebimumo nomakhi wawo kunguNkulunkulu.


Kanjalo nesivumelwano sokuqala sasinezimiso zenkonzo nendlu engcwele yasemhlabeni.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Ithabanakeli likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, Yena abe nguNkulunkulu wabo.