KumaHeberu 7:18 - IsiZulu 2020 Kukhona ngakolunye uhlangothi ukwesulwa komthetho wokuqala ngenxa yokuba ubuthakathaka, futhi ungasizi ngalutho, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba umthetho wokuqala uyachithwa ngenxa yobuthakathaka bawo nokungasizi kwawo, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba umthetho owandulelayo uyachithwa ngenxa yobuthakathaka nokungasizi kwawo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba umthetho owandulelayo uyachithwa ngenxa yobuthakathaka nokungasizi kwawo. |
Ngakho-ke umthetho siwenza ize yini ngenxa yokukholwa na? Qha akunjalo, kodwa siyawuqinisa umthetho.
Phela lokho okwakwehlula umthetho, ngokuba inyama yemvelo iwuthene amandla, uNkulunkulu wakwenza ngokuthumela iNdodana yakhe inesimo somzimba wesono, ukuze ibhekane ngqo nesono, sinqotshwe isono enyameni,
Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu, ukuthi akukho muntu ongesula noma anezele esivumelwaneni esenziwe saqiniswa ngumuntu.
Yilokhu engikushoyo ukuthi isivumelwano esaqiniswa phambilini nguNkulunkulu, akukho mthetho obekwe emva kweminyaka engama-430 ongasesula noma usiqede, sona kanye nesithembiso.
Ngabe pho umthetho umelene yini nezithembiso zikaNkulunkulu na? Phinde neze! Uma umthetho owanikezwa wawunamandla okunikeza ukuphila, ngabe salungisiswa ngawo umthetho.
Lokhu manje seniyamazi uNkulunkulu noma seniyaziwa nguNkulunkulu, kungani pho seniphindela ezintweni ezingelutho, senifuna futhi ukuba yizigqila zazo na?
ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.
Ningadukiswa yizimfundiso ezehlukahlukeneyo nezingaziwayo, ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla okungabasizanga nalabo abaphila ngakho.
lokhu akukho okupheleliswe ngomthetho, yingakho-ke sesinikwe ithemba elingcono, okungalo sisondela kuNkulunkulu.