UNkulunkulu wathi: “Makumile utshani emhlabeni, nezitshalo ezithela imbewu nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ngezinhlobo zazo.” Kwaba njalo.
KumaHeberu 6:7 - IsiZulu 2020 Ngokuba umhlabathi uyayiphuza imvula elokhu iwela kuwo, uhlumise imifino ebasizayo labo abawulinyelwayo, wamukele isibusiso kuNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba umhlabathi, ophuze imvula efika kaningi phezu kwawo, umilisa imifino ebasizayo abawulinyelwayo, uyabusiswa nguNkulunkulu; Baasraak Zulu New Testament Bible Ngoba umhlabathi onatha izulu elifika kanengi phezu kwawo, uveze imifino ebasizayo abalinywa yibo, uyabusiswa nguNkulunkulu; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba umhlabathi onatha izulu elifika kanengi phezu kwawo, uveze imifino ebasizayo abalinywa yibo, uyabusiswa nguNkulunkulu; |
UNkulunkulu wathi: “Makumile utshani emhlabeni, nezitshalo ezithela imbewu nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ngezinhlobo zazo.” Kwaba njalo.
Kuthe lapho esondela kuye emanga, u-Isaka wahogela iphunga ezingutsheni zakhe, wayesembusisa. Wathi: “Iphunga lendodana yami lifana nephunga lensimu ebusiswe nguSimakade.
Lowo ohamba ekhala, ephethe imbewu, uyakubuya ngokuthokoza, ethwele izinyanda zakhe.
Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokomileyo, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwabantwana bakho, nesibusiso sami phezu kwezizukulwane zakho;
Ngiyakuzibusisa zona nezindawo ezizungeze intaba yami, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.
Zihlwanyeleleni ukulunga, nivune umlomo wothando, niqathe insimu yenu engalinyiwe, ngokuba sekuyisikhathi sokufuna uSimakade, aze afike, anise ukulunga phezu kwenu.
khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele phezu kwenu ngonyaka wesithupha, ukuze uthele ukudla kweminyaka emithathu.
Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube nokudla endlini yami, ake ningivivinye ngalokhu, ukuthi ngeke yini nginivulele amafasitela asezulwini, nginithululele isibusiso kuze kungabi bikho ndawo eyanele,” kusho uSimakade Wamabandla.
Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.
Ngakho-ke bazalwane, bekezelani, kuze kufike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlabathi esiyigugu. Uyasibekezelela, size sithole imvula yokuqala neyakamuva.