KumaHeberu 3:7 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke njengalokhu uMoya oNgcwele esho: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke, njengokutsho kukaMoya oNgcwele, Lamuhla uba lilizwa ilizwi lakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke, njengokutsho kukaMoya oNgcwele, Lamuhla uba lilizwa ilizwi lakhe. |
Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
Bekani izindlebe, nizwe, nize kimi, uyophila umphefumulo wenu; ngiyokwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.
Esakhuluma, kwafika ifu elikhanyayo labemboza, kwezwakala izwi livela efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo; yilaleleni.”
UDavide luqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele, wathi: “ ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.” ’
Nginezinye izimvu ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo kufanele ngiziqoqe, ziyakulizwa iphimbo lami, bese ziba mhlambi munye nomelusi munye.
Umlindisango uyamvulela lowo, nezimvu ziyalizwa iphimbo lakhe; ezakhe izimvu uzibiza ngamagama, bese eziholela ngaphandle.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: isikhathi siyeza, sesifikile namanje, lapho abafileyo beyakulizwa iphimbo leNdodana kaNkulunkulu; abalizwayo bayakuphila.
“Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba ugcwaliseke umbhalo, uMoya oNgcwele awukhuluma phambilini ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi walabo ababamba uJesu,
Kwathi ukuba bangezwani bodwa, base behlakazeka, uPawula wakhuluma izwi laba linye lokuthi: “UMoya oNgcwele wakhuluma kahle ngo-Izaya umphrofethi kokhokho benu, ethi:
kodwa gqugquzelanani imihla ngemihla inqobo nje uma kusathiwa namuhla, ukuze kungabi bikho kini eyenziwa lukhuni inhliziyo yakhe ikhohliswa yisono.
Uma kuthiwa: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekuhlubukeni.”
Uyanquma futhi usuku okuthiwa Namuhla, esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka, njengalokhu kwashiwo ngaphambilini ukuthi: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.”
Ngalokho uMoya oNgcwele usicacisela kahle ukuthi indlela eya endaweni engcwelengcwele ayikabonakaliswa, inqobo nje uma kusekhona ithabanakeli lokuqala.
Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.
Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha, uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.