KumaHeberu 12:21 - IsiZulu 2020 Yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: “Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: “Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela,” Baasraak Zulu New Testament Bible Futhi umbono wawumubi kangangokuthi uMose wathi: “Ngiyesaba kakhulu futhi ngiyathuthumela.” Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi umbono wawumubi kangangokuthi uMose wathi: “Ngiyesaba kakhulu futhi ngiyathuthumela.” |
Ngosuku lwesithathu ekuseni, kwaba nokuduma, nombani, nefu elimnyama phezu kwentaba, nokukhala okukhulu kwecilongo, abantu bonke ababesenkanjini bathuthumela.
Lapho umsindo wecilongo wawulokhu uzwakala kakhulu ungathuli, uMose wakhuluma, uNkulunkulu wamphendula ngezwi elikhulu.
Inceku enje yenkosi yami ingakhuluma kanjani nenkosi yami enje na? Ngokuba mina, khona lapho ngaphela amandla, nokuphefumula bekungasekho kimi.”
Ngasala ngedwa; ngawubona lo mbono omkhulu, ngaphelelwa ngamandla, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba namandla.
Nakuba ngangilwesaba ulaka nentukuthelo uSimakade ayenithukuthelele ngakho ukuba anibhubhise, nokho uSimakade wangizwa futhi nangaleso sikhathi.
kepha kuphela ukulindela ukwehlulelwa okwesabekayo nomlilo ovutha bhe ozakungqongqisa amaphikankani.
Lapho ngimbona ngawa phansi ngasezinyaweni zakhe, nganjengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; Mina ngingowokuqala nowokugcina,