Ngiqinisile ngithi kini: kuyakuba ngcono eSodoma naseGomora ngosuku lokwehlulelwa kunakulowo muzi.”
KumaHeberu 10:25 - IsiZulu 2020 Singakuyeki ukuhlangana kwethu njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sigqugquzelane, ikakhulu njengokuba nilubona usuku lusondela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela. Baasraak Zulu New Testament Bible singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye; kodwa sikhuthazane, ikakhulu njengoba libona usuku lusondela. Contemporary Zulu Bible 2024 singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye; kodwa sikhuthazane, ikakhulu njengoba libona usuku lusondela. |
Ngiqinisile ngithi kini: kuyakuba ngcono eSodoma naseGomora ngosuku lokwehlulelwa kunakulowo muzi.”
“Ngokuba lapho kuhlangene khona ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”
Lowo ongalayo, engawemukeli amazwi ami, unomehlulelayo; izwi engalikhulumayo, yilo eliyakumehlulela ngomhla wokuphela.
Kwathi lapho siya endaweni yokukhuleka, kweza intombazane enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.
Bazinikela njalo esifundisweni sabaphostoli, ekuhlanganeni, ekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.
Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, sibuthanele ukuba sihlephule isinkwa, uPawula wayelokhu eshumayele lokho, kwaze kwaba phakathi kwamabili, ngoba wayehlose ukuhamba ngakusasa.
esokugqugquzela, kube sekukhuthazeni; esokuphana, aphane ngokukhululeka; esokuhola, ahole ngenkuthalo; kanye nesesihe, akwenze ngentokozo.
Ngakho-ke uma ibandla lihlangene ndawonye, bonke bakhulume ngezilimi, bese kungena abangenalwazi noma abangakholwa, abazukusho yini ukuthi niyahlanya na?
umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala, ngokuba usuku luyakuwudalula. Ngokuba lokho kuyakwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi womuntu ngamunye unjani. Umlilo luqobo uyakukuvivinya lokho.
Ekuhlanganeni kwenu egameni leNkosi uJesu, nami nginani ngomoya nangamandla eNkosi yethu uJesu,
Ngiyanincenga bazalwane, lamukeleni kahle izwi lokuyala, ngokuba nginilobele lona ngamazwi amafuphi.
kodwa gqugquzelanani imihla ngemihla inqobo nje uma kusathiwa namuhla, ukuze kungabi bikho kini eyenziwa lukhuni inhliziyo yakhe ikhohliswa yisono.
Nani-ke bekezelani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukubuya kweNkosi sekusondele.
Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele, ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.
Njengokuba konke kuyakubhujiswa kanjalo, nifanele nibe ngabantu abanjani ekuziphatheni ngobungcwele, nangokumesaba uNkulunkulu,
Ngakho, bathandekayo, njengokuba nisalindele lezi zinto, phokophelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, nasici kuye.
INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye becabanga ukuthi ilibele, kepha iyanibekezelela, ngoba ingafuni kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke bafinyelele empendukweni.