KumaHeberu 1:11 - IsiZulu 2020 Wona ayobhubha, kodwa Wena umi njalo, wona wonke ayoguga njengengubo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wona ayakubhubha, kepha wena umi njalo; wona onke ayakuguga njengengubo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ziyakubhubha; kodwa wena uhlala; futhi zonke ziyoguga njengengubo; Contemporary Zulu Bible 2024 Ziyakubhubha; kodwa wena uhlala; futhi zonke ziyoguga njengengubo; |
Kuyobhubha lokhu, kodwa Wena uyokuma, konke kuyoguga njengengubo, njengesembatho, uyokuguqula kushabalale,
USimakade uhleli phezu kwezikhukhula, uSimakade uyiNkosi, ubusa kuze kube phakade.
Zingakaveli izintaba, umhlaba, nezwe ungakakudali, kusukela phakade kuze kube phakade, Wena, Nkulunkulu, ukhona.
Ibandla lonke ezulwini liyakuphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyakubuna njengokubuna kweqabunga emvinini, nanjengokubuna kwekhiwane emkhiwaneni.
Ngubani okwenzileyo lokhu, wakudala, wabiza izizukulwane kwasekuqaleni na? Mina, Simakade ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina.”
“Usho kanje uSimakade, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uSimakade Wamabandla, uthi: ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina, ngaphandle kwami akekho uNkulunkulu.
Mina phela iNkosi uSimakade iyangisiza; ngubani oyongilahla ngecala na? Bonke bayoguga njengengubo, badliwe yizinundu.
Phakamiselani amehlo enu ezulwini, nibheke emhlabeni phansi, ngokuba izulu liyakunyamalala njengentuthu, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengomiyane, kodwa insindiso yami iyakuma kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyukuphela.
Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo, nebhu libadle njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”
“Ngokuba bheka, ngiyakudala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyukukhunjulwa, azinakuvuka enhliziyweni.
Lokhu ukuthi: “Ngisazophinda,” kutshengisa ukususwa kwezinto ezinyakaziswayo, okungukuthi izinto ezidaliweyo, ukuze lokho okungazanyazanyiswanga kume.
Uma ethi: “Esisha,” kusho ukuthi esokuqala sesiphelelwe yisikhathi, ngakho-ke osekuphelelwe yisikhathi, futhi sekukudala, sekuseduze ukuba kushabalale.
lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumelele emabandleni ayisikhombisa: e-Efesu, eSimirna, ePhergamu, eThiyathira, eSardesi, eFiladelfiya naseLawodikheya.”
“Nakuyo ingelosi yebandla laseSimirna loba ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo ongowokuqala nowokugcina, owayefile kodwa osephila, uthi:
Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.
Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.