KumaHeberu 1:10 - IsiZulu 2020 Nokuthi: “Wena Nkosi, ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba; amazulu angumsebenzi wezandla zakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nokuthi: “Wena Nkosi, ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba; amazulu angumsebenzi wezandla zakho. Baasraak Zulu New Testament Bible Futhi: Wena, Nkosi, ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba; nezulu liyimisebenzi yezandla zakho; Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi: Wena, Nkosi, ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba; nezulu liyimisebenzi yezandla zakho; |
Amazulu alanda ngenkazimulo kaNkulunkulu, umkhathi umemezela ngomsebenzi wezandla zakhe.
lapho emisela ulwandle umkhawulo, ukuze amanzi angeqi umyalo wakhe; lapho emisa izisekelo zomhlaba,
Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe, walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo, wahlanganisa uthuli esilinganisweni, walinganisa izintaba ngesikalo namagquma ngezisindo, na?
Usho kanje uNkulunkulu uSimakade owadala izulu, waleneka, wendlala umhlaba nokuvela kuwo; onika abantu abakuwo umphefumulo nomoya kwabahamba kuwo, uthi:
Yebo, isandla sami sibekile isisekelo somhlaba, nesokunene sami saleneka izulu. Lapho ngikubiza, kuma ndawonye.
Usumkhohliwe uSimakade uMenzi wakho, owaleneka izulu, wabeka nesisekelo somhlaba. Uthuthumele usuku lonke ngenxa yolaka lomcindezeli, ozilungiselela ukubhubhisa. Kepha luphi ulaka lomcindezeli na?
Phakamiselani amehlo enu ezulwini, nibheke emhlabeni phansi, ngokuba izulu liyakunyamalala njengentuthu, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengomiyane, kodwa insindiso yami iyakuma kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyukuphela.
Kodwa manje, Simakade, unguBaba, thina siyibumba, Wena ungumbumbi wethu, sonke singumsebenzi wesandla sakho.
“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.
Isiphrofetho. Izwi likaSimakade ngo-Israyeli. USimakade wendlale izulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu ezibili zakhe, uthi:
hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu.
Lokhu ukuthi: “Ngisazophinda,” kutshengisa ukususwa kwezinto ezinyakaziswayo, okungukuthi izinto ezidaliweyo, ukuze lokho okungazanyazanyiswanga kume.
“Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikheya loba, ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi: