Bafika eJerikho. Ngesikhathi uJesu ephuma eJerikho nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, uBharthimewu owayeyimpumputhe eyisinqibi, eyindodana kaThimewu, wayehleli ngasendleleni.
Johane 9:8 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke omakhelwane nalabo ababeyibone phambilini inqiba, babuzana bodwa, bathi: “Le ndoda akusiyo yini ebihlala inqiba na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho abakhelene nayo nababeyibonile phambili iyisinxibi bathi: “Akusiye lo owayehlezi enxiba na?” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho omakhelwane nababe bembonile ngaphambili ukuthi uyimpumputhe bathi: “Lo akuyena yini obehlezi enxiba na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho omakhelwane nababe bembonile ngaphambili ukuthi uyimpumputhe bathi: “Lo akuyena yini obehlezi enxiba na? |
Bafika eJerikho. Ngesikhathi uJesu ephuma eJerikho nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, uBharthimewu owayeyimpumputhe eyisinqibi, eyindodana kaThimewu, wayehleli ngasendleleni.
Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi imenzele isihawu esikhulu, bathokoza naye.
Abanye bathi: “Yiyona,” abanye bathi: “Qha, kodwa ifana nayo.” Indoda yathi: “Yimina.”
Bahamba-ke bobabili baze bayofika eBhethlehema. Kuthe sebefikile eBhethlehema, umuzi wonke wanyakaza ngokufika kwabo. Abantu base bethi: “Kungabe nguNawomi lona, na?”
Uyamvusa ompofu othulini, uyayiphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izisekelo zomhlaba zingezikaSimakade; ubekile izwe phezu kwazo.
Izinceku zika-Akhishi zathi kuye: “Lo akusiye yini uDavide, inkosi yezwe na? Kanti akusiye yini ababecula ngaye, besina, bethi: “ ‘USawule ubulale izinkulungwane zakhe, kodwa uDavide izinkulungwane zakhe zilishumi,’ na?”