Ngifunga phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, akukho sizwe nambuso lapho inkosi yami ingathumelanga khona ukuba ufunwe, nanxa bethi awukho lapho, yayithi umbuso nesizwe abafunge ukuthi abakufumananga.
Johane 8:21 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke wabuye wathi kubo: “Ngiyamuka Mina, niyakungifuna, kodwa niyakufela ezonweni zenu. Lapho ngiya khona Mina, anikwazi nina ukuza khona.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona waphinda wathi kubo: “Ngiyamuka mina, niyakungifuna, nifele ezonweni zenu; lapho ngiya khona mina, ningeze nina.” Baasraak Zulu New Testament Bible Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiyahamba, niyakungifuna, nifele ezonweni zenu; Contemporary Zulu Bible 2024 Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiyahamba, niyakungifuna, nifele ezonweni zenu; |
Ngifunga phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, akukho sizwe nambuso lapho inkosi yami ingathumelanga khona ukuba ufunwe, nanxa bethi awukho lapho, yayithi umbuso nesizwe abafunge ukuthi abakufumananga.
Lapho omubi efa liyashabalala nethemba lakhe, nethemba lokwenza okubi liyashabalala.
Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.
“Kusukela lapho akusayukuba khona usana oluyophila izinsukwana, nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo, ngokuba oyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala, uyothathwa njengobesemusha; nalowo ofa engayihlanganisanga iminyaka eyikhulu, kuyakuthiwa uqalekisiwe.
Ngokuba ngithi kini: anisayukubuye ningibone, nize nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”
“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.
“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”
UJesu wayesethi kubo: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona phakathi kwenu. Hambani nisenokukhanya, ukuze ningaficwa ngubumnyama. Ohamba ebumnyameni, akazi ukuthi uya kuphi.
“Bantwanyana, kuseyisikhashana nginani. Niyakungifuna, njengokuba ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona,nina anikwazi ukuza khona. Ngisho lokho nakini manje.
Niyakungifuna ningangitholi, futhi nalapho ngikhona, ngeke nikwazi ukuza lapho.”
Uchaza ukuthini uma ethi: ‘Niyakungifuna, ningangifumani, futhi nalapho ngikhona, anikwazi ukuza khona’ na?”
Ngakho-ke ngithe kini niyakufela ezonweni zenu, ngokuba uma ningakholwa ukuthi Mina Nginguye, niyakufela ezonweni zenu.”