Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




Johane 8:20 - IsiZulu 2020

20 Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo, efundisa ethempelini kodwa akukho muntu owambophayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo efundisa ethempelini; akubangakho ombambayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 UJesu wawakhuluma lawo mazwi ngasebhokisini lomnikelo efundisa ethempelini; ngoba ihola lakhe lalingakafiki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UJesu wawakhuluma lawo mazwi ngasebhokisini lomnikelo efundisa ethempelini; ngoba ihola lakhe lalingakafiki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 8:20
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abalindi abane abakhulu ababengabaLevi babesesikhundleni njalo, bengamele amakamelo nengcebo endlini kaNkulunkulu.


Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphume kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku, nizongibamba na? Nsuku zonke bengifundisa ethempelini, kodwa anizange ningibambe.


Kepha abaphristi abakhulu bazithatha izinhlamvu zesiliva, bathi: “Akuvunyelwe ukuba zifakwe emnikelweni, ngokuba ziyimali yegazi.”


UJesu wayesehlala phansi, maqondana nomphongolo womnikelo, wayebuka ukuthi isixuku sinikela kanjani umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babenikela kakhulu.


Wayesebiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: lo mfelokazi ompofu unikele kakhulu kunabo bonke abanikele emphongolweni,


Izazimthetho nabaphristi bafuna ukumbamba ngezandla khona lapho, kodwa besaba abantu, ngokuba babazi ukuthi ukhulume lo mzekeliso ewuqondise kubo.


Kwathi lapho ebheka, wabona izicebi zifaka iminikelo yazo emphongolweni womnikelo.


Ngakho-ke bafuna ukumbamba, kodwa waphunyuka ezandleni zabo.


UJesu wathi kuye: “Mame, ungene ngani kokwami na? Isikhathi sami asikafiki.”


Kuthe sekuphakathi nomkhosi, uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.


Ngakho-ke bafuna ukumbopha, kodwa akukho namunye owamubamba, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.


Abanye babo babefuna ukumbopha, kodwa akukho muntu owambambayo.


Nina khuphukelani emkhosini. Mina angiyi kulo mkhosi, ngokuba isikhathi sami asikapheleli.”


Entathakusa wabuyela ethempelini, bonke abantu beza kuye, wayesehlala phansi wabafundisa.


Base becosha amatshe ukuze bamkhande ngawo, kodwa uJesu wafihlakala kubo, waphuma ethempelini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka