Kwathi ukuba inkosi ikuzwe lokho okwashiwo ngumuntu kaNkulunkulu nge-althare eBhethele, uJerobhowamu waphakamisa isandla sakhe ese-althare, wathi: “Mbambeni.” Kepha isandla asiphakamisayo sashwabana akabe esakwazi ukusifinyeza.
Johane 5:3 - IsiZulu 2020 Kwakulala kuyo izinkumbi zabagulayo: izimpumputhe, izinyonga, nabafe uhlangothi. Babelindele ukuzanyazanyiswa kwechibi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwakulele kuyo abagulayo abaningi kakhulu, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwakulele kuyo isixuku esikhulu sabagulayo, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakulele kuyo isixuku esikhulu sabagulayo, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi. |
Kwathi ukuba inkosi ikuzwe lokho okwashiwo ngumuntu kaNkulunkulu nge-althare eBhethele, uJerobhowamu waphakamisa isandla sakhe ese-althare, wathi: “Mbambeni.” Kepha isandla asiphakamisayo sashwabana akabe esakwazi ukusifinyeza.
Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, alinde imihla ngemihla emasangweni ami, ahlale ngasezinsikeni zeminyango yami.
“Maye, kumelusi ongenamsebenzi, oshiya umhlambi wezimvu! Inkemba iyakumlimaza ingalo neso lakhe langakwesokunene. Ingalo yakhe iyakushwabana, neso lakhe lingaboni lutho!”
Isixuku esikhulu seza kuye silethe izinyonga, izimpumputhe, izimungulu, izilima, nabanye abaningi. Bababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa.
Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa.
UJesu waphendula, wathi kuwo: “Hambani nilandise uJohane ngalokho enikubonileyo nenikuzwileyo, nithi: izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli.
Kwakukhona-ke eJerusalema, ngaseSangweni Lezimvu, ichibi ngesiHebheru elibizwa ngokuthi iBhethzatha, linemipheme emihlanu.
Ingelosi kaNkulunkulu yayehla ngezikhathi ezithile, ifike izamazamise ichibi, bese kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwalo, asinde esifweni esimphetheyo, noma ngabe sifo sini.
Ngakho-ke bazalwane, bekezelani, kuze kufike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlabathi esiyigugu. Uyasibekezelela, size sithole imvula yokuqala neyakamuva.