Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Johane 5:10 - IsiZulu 2020

Ngakho-ke abaJuda bathi kulowo muntu owayesephilisiwe: “Yisabatha namuhla, akuvumelekile ukuba uthwale uhlaka lwakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Khona base bethi abaJuda kophilisiweyo: “Yisabatha, akuvunyiwe uthwale uhlaka.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Base bethi abaJuda kophulukisiwe: Kuyisabatha;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Base bethi abaJuda kophulukisiwe: Kuyisabatha;

Uka jalj uñjjattʼäta



Johane 5:10
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Uma uzinqanda ekungcoliseni isabatha, ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele; isabatha ulibize ngokuthi yintokozo, nosuku olungcwele lukaSimakade ngokuthi luhloniphekile, uluhloniphe; ungahambi ngezindlela zakho, wenza okuthandwa nguwe noma imisebenzi yakho,


Usho kanje uSimakade, uthi: “Xwayani ngenxa yemiphefumulo yenu, ukuba ningathwali mthwalo ngosuku lwesabatha, ningawungenisi emasangweni eJerusalema,


Kepha uma ningangilaleli nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo nxa ningena emasangweni eJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyophemba umlilo emasangweni alo, oyongqongqisa izinqaba zeJerusalema, futhi ongenakucinywa.” ’ ”


Kwakukhona umuntu owayenesandla esishwabene; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphilisa ngesabatha na?” Babembuza nje ukuze bammangalele.


AbaFarisi bathi kuye: “Kungani abafundi bakho benze okungavumelekile ngesabatha na?”


Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe yini ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi na? Ukusindisa noma ukubulala na?” Kepha bathula du.


Umphathi wesinagoge wacasuka ngokuba uJesu esindise umuntu ngesabatha, wayesekhuluma esixukwini ethi: “Kunezinsuku eziyisithupha okufanele ukuba kusetshenzwe ngazo. Ngakho-ke wozani ngalezo zinsuku ukuze niphiliswe, hhayi ngosuku lwesabatha.”


Base bebuyela emuva, bayolungisa amafutha namakha, kodwa ngesabatha baphumula njengokusho komthetho.


Kepha abanye babaFarisi bathi: “Nikwenzelani okungavunyelwe ngesabatha na?”


Lokhu kungubufakazi bukaJohane, lapho abaJuda bethumele abaphristi nabaLevi bevela eJerusalema ukuba bambuze, bathi: “Wena ungubani na?”


Kepha waphendula, wathi: “Lowo ongiphilisileyo uthe kimi: ‘Thatha uhlaka lwakho uhambe.’ ”


Lowo muntu wahamba wayobikela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo.


AbaJuda bamzingela uJesu ngenxa yalokho, ngokuba wayenze lokho ngesabatha.


Uma umuntu emukela ukusoka ngeSabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho kungani ningithukuthelele ngokuba ngisindise umuntu ngeSabatha na?


Ngakho-ke abanye kubaFarisi bathi: “Lo muntu akaveli kuNkulunkulu, ngokuba akawuhloniphi umthetho wesabatha.” Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwehlukana phakathi kwabo.