Wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Kepha bathi: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela, ngaphandle-ke uma singahamba siyothengela bonke laba bantu ukudla.”
Johane 4:8 - IsiZulu 2020 Abafundi bakhe babesahambile beyothenga ukudla emzini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini beyothenga ukudla. Baasraak Zulu New Testament Bible (Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini ukuyothenga ukudla.) Contemporary Zulu Bible 2024 (Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini ukuyothenga ukudla.) |
Wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Kepha bathi: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela, ngaphandle-ke uma singahamba siyothengela bonke laba bantu ukudla.”
Ngaleso sikhathi kwase kufika abafundi bakhe, bamangala lapho bemfica ekhuluma nowesifazane. Kepha akekho noyedwa owabuza, wathi: “Ufunani na?” noma “Ukhulumelani nowesifazane na?”
AmaSamariya amaningi alowo muzi akholwa kuJesu ngenxa yezwi lowesifazane owafakaza, wathi: “Ungitshele konke engikwenzileyo.”
Ngakho-ke wafika eSamariya emzini okuthiwa yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa, indodana yakhe.
Kwafika owesifazane waseSamariya ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ake ungiphuzise.”