Uyini umuntu ukuba angaba ngohlanzekileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?
Johane 3:7 - IsiZulu 2020 Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa kabusha.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa ngokusha.’ Baasraak Zulu New Testament Bible Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: Nimelwe ukuzalwa ngokusha. Contemporary Zulu Bible 2024 Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: Nimelwe ukuzalwa ngokusha. |
Uyini umuntu ukuba angaba ngohlanzekileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?
Uma nginitshelile ngokomhlaba, kanakholwa; pho ningakholwa kanjani uma nginitshela ngokwasezulwini na?
UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa kabusha, ngeke awubone umbuso kaNkulunkulu.”
Umoya uvunguza lapho uthanda khona. Uyawuzwa umsindo wawo, kodwa awuwazi lapho uqhamuka khona nalapho uqonde khona. Banjalo-ke bonke abazelwe nguMoya.”
“Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa iphimbo layo,
Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.
Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, ukuze uthando lwenu lobuzalwane lungabi nakuzenzisa; nithandane ngokuphelele, omunye nomunye, kuqubuka enhliziyweni emhlophe.
Akukho lutho olungcolileyo oluyakungena kuwo nanini, owenza amanyala noqamba amanga, kuphela labo abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.