Ngathukuthela kakhulu, ngazijikijela phandle izimpahla zikaThobiya ezazisendlini.
Johane 2:13 - IsiZulu 2020 Lase lisondele iPhasika labaJuda, uJesu wenyukela eJerusalema. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lalisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. Baasraak Zulu New Testament Bible Laselisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. Contemporary Zulu Bible 2024 Laselisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. |
Ngathukuthela kakhulu, ngazijikijela phandle izimpahla zikaThobiya ezazisendlini.
UJesu wangena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbukuqela amatafula abashintshisa ngemali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba.
Bafika eJerusalema. UJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini. Wagumbuqela amatafula alabo ababeshintshelana imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba.
Lase liseduze iPhasika labaJuda, abaningi ababevela emaphandleni bakhuphukela eJerusalema kungakabi yiPhasika ukuze bazihlambulule.
Kwathi sekuzakuba nguMkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi sesifikile isikhathi sakhe sokuba amuke kulo mhlaba aye kuYise, kepha wayebathandile abangabakhe abasemhlabeni kwaze kwaba sekugcineni.
Kwathi uJesu eseJerusalema ngoMkhosi wePhasika, abaningi bakholwa egameni lakhe lapho bebona izibonakaliso azenzayo.
“Bonke abesilisa okanye nabo bayakuvela kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, endaweni ayoyiqoka: ngoMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, ngoMkhosi Wamasonto, nangoMkhosi Wamadokodo; abayukuza phambi kukaSimakade bengaphethe lutho olungumnikelo ezandleni.