Kepha ngenxa yobukhulu amnika bona, bonke abantu, izizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; kwathi athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.
Johane 19:10 - IsiZulu 2020 UPilatu wayesethi kuye: “Kungani ungakhulumi nami na? Awazi yini ukuthi mina nginegunya lokukukhulula, negunya lokukubethela esiphambanweni na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona wathi uPilatu kuye: “Awukhulumi kimi na? Awazi ukuthi nginamandla okukukhulula, nginamandla futhi okukubethela esiphambanweni na?” Baasraak Zulu New Testament Bible UPilatu wayesethi kuye: “Awukhulumi kimi na? Awazi yini ukuthi nginamandla okukubethela, nginamandla okukukhulula na? Contemporary Zulu Bible 2024 UPilatu wayesethi kuye: “Awukhulumi kimi na? Awazi yini ukuthi nginamandla okukubethela, nginamandla okukukhulula na? |
Kepha ngenxa yobukhulu amnika bona, bonke abantu, izizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; kwathi athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.
Kepha ninesiko lokuba nginikhululele omunye ngePhasika. Ngakho niyathanda yini ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?”
UJesu waphendula, wathi: “Ngabe awunalo igunya phezu kwami, ukuba awulinikwanga ngaphezulu. Ngakho-ke onginikele kuwe, nguyena onesono esikhulu.”
wabuye wangena endlini yokwehlulela, wathi kuJesu: “Ungowaphi wena na?” Kepha uJesu akamphendulanga.