Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa uMsindisi wami, noNkulunkulu wami.
Johane 14:1 - IsiZulu 2020 “Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. Baasraak Zulu New Testament Bible Izinhliziyo zenu mazingakhathazeki; kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. Contemporary Zulu Bible 2024 Izinhliziyo zenu mazingakhathazeki; kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. |
Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa uMsindisi wami, noNkulunkulu wami.
Ngakho-ke uJesu embona ekhala, nabaJuda ababefike naye bekhala, wathinteka kakhulu emoyeni, wakhathazeka,
“Manje umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Ngithi Baba, ngisindise kulo mzuzu na? Kepha kungenxa yalokhu ngifinyelele kulo mzuzu.
Kepha uJesu wamemeza, wathi: “Okholwa yimi akakholwa kimi nje, kodwa kulowo ongithumileyo.
“Kusukela manje ngiyanitshela kungakenzeki, ukuze nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi ngiNguye.
Kuze kube manje anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakuphiwa ukuze intokozo yenu igcwale.
ukuze bonke bayihloniphe iNdodana njengalokhu behlonipha uYise. Ongayihloniphi iNdodana, kamhloniphi noYise oyithumileyo.
Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba, ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; Mina ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.”
Ngalokho nami, sengizwile ngokukholwa kwenu eNkosini uJesu nangothando kubo bonke abangcwele,
ukuba ningasheshi ukuxoveka emqondweni wenu, futhi ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi okungathi ivela kithi, sengathi usuku lukaKhristu selufikile.
okungaye nikholwa kuNkulunkulu, Yena owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu nethemba lenu kube kuNkulunkulu.