Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Johane 13:5 - IsiZulu 2020

Wayesethela amanzi emcengezini, waqala ukugeza abafundi bakhe izinyawo, ezesula ngethawula ayelibophele okhalo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Emva kwalokho wathela amanzi endishini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, nokuzesula ngethawula abelibhincele.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Emva kwalokho wathela amanzi endishini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, nokuzesula ngethawula abelibhincele.

Uka jalj uñjjattʼäta



Johane 13:5
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Makulethwe amanzi, nigeze izinyawo, bese niphumula emthunzini.


Wathi kuzo: “Makhosi ami, ake niphambukele endlini yenceku yenu ukuze nithole amanzi okugeza izinyawo, nilale okwanamuhla, bese nivuka ekuseni niqhubeke nohambo lwenu.” Zamphendula zathi: “Qha, sizohlala emgwaqweni.”


Induna yayisiwangenisa lawo madoda endlini kaJosefa, yawanika amanzi ukuze ageze izinyawo, yanika nezimbongolo zawo ifolishi.


UJehoshafathi wayesethi: “Akekho yini umphrofethi kaSimakade ukuze sibuze kuye ukuthi uthini uSimakade na?” Enye yezinceku zenkosi yakwa-Israyeli yaphendula, yathi: “Ukhona u-Elisha, indodana kaShafathi, okunguye owayegeza izandla zika-Eliya.”


Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.


Uyoletha u-Aroni namadodana akhe ngasemnyango wethende lokuhlangana, ubageze ngamanzi.


Gezani, nizihlambulule; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami. Yekani ukwenza okubi.


Ngiyakunifafaza ngamanzi acwebe cwe, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


“Ohlanjululwayo uyohlanza izingubo zakhe, aphuce zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke. Emveni kwalokho uyakungena enkanjini, kodwa uyohlala ngaphandle kwethende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.


Ngalolo lusuku kuyakuvulwa umthombo oyakuhlanza izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.


Wema ngemuva kukaJesu, ngasezinyaweni zakhe, ekhala. Waqala ukumatisa izinyawo zikaJesu ngezinyembezi zakhe, wayesezesula ngezinwele zakhe, wazanga izinyawo ephindelela, wayesezigcoba ngamakha.


Waphendukela kowesifazane, wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi okugeza izinyawo, kodwa lo wesifazane umantisile izinyawo zami ngezinyembezi zakhe, wazesula ngezinwele zakhe.


UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo kadingi lutho olunye, kuphela ukugezwa izinyawo, ngalokho umzimba wonke ugezekile. Nina-ke nigezekile, kodwa hhayi nina nonke.”


Wayesefika kuSimoni Phethro. UPhethro wathi kuye: “Nkosi, Wena, ugeza izinyawo zami na?”


UPhethro wathi kuye: “Awusoze wazigeza izinyawo zami naphakade.” UJesu waphendula, wathi: “Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.”


Kepha elinye lamabutho lamgwaza ngomkhonto ohlangothini, kwaphuma igazi namanzi ngokushesha.


Pho usalindeleni na? Sukuma, ubhabhadiswe, uhlambulule izono zakho ngokukhuleka egameni lakhe.’


Abanye benu babenjalo, kodwa senahlanzwa, nangcweliswa, nalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Khristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.


ukuba alingcwelise, alihlambulule ngokuligeza ngamanzi, nangezwi,


Kufanele ukuba aziwe ngemisebenzi emihle, njengalowo okhulise kahle abantwana, obe nokuphana ezihambini, ogeze izinyawo zabangcwele, osize abahluphekayo, futhi ozinikele ekwenzeni yonke imisebenzi emihle.


masisondele ngenhliziyo eqinisileyo nangokwethemba kokukholwa okupheleleyo, zifafaziwe izinhliziyo zethu konembeza ababi, nomzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo.


Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


UJesu weza ngamanzi wabhabhadiswa, akubanga ngamanzi qha, kodwa kwaba nangegazi lakhe, lokhu noMoya oNgcwele uyafakaza ngalokho, ngokuba unguMoya weqiniso.


nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Lase limngenisa endlini yalo, lanika izimbongolo utshani, bageza izinyawo zabo, badla, baphuza.


Wasukuma, wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi, wathi: “Bheka, incekukazi yakho mayibe yisigqila esigeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.”