Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Johane 10:5 - IsiZulu 2020

Kepha azisoze zamlandela umfokazi, kodwa ziyakumbalekela, ngokuba azilazi iphimbo labafokazi.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kepha umfokazi azisoze zamlandela, kodwa ziyakumbalekela, ngokuba zingalazi izwi labafokazi.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Nomfokazi aziyikumlandela, kepha ziyakumbalekela, ngokuba azilazi izwi labafokazi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Nomfokazi aziyikumlandela, kepha ziyakumbalekela, ngokuba azilazi izwi labafokazi.

Uka jalj uñjjattʼäta



Johane 10:5
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha uJehoshafathi wathi: “Akekho yini umphrofethi kaSimakade lapha ukuba sibuze kuye na?”


Ndodana yami, uma uyeka ukulalela ukuyalwa, uyakuduka emazwini okwazi.


Wayesethi kubo: “Kuqapheleni enikuzwayo, ngokuba ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso; kuze kwenezelwe.


Ngakho-ke qaphelani ukuthi nizwa kanjani, ngokuba yilowo nalowo onakho, uyakuphiwa, kodwa lowo ongenakho, uyakwemukwa nalokho anakho.”


Nginezinye izimvu ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo kufanele ngiziqoqe, ziyakulizwa iphimbo lami, bese ziba mhlambi munye nomelusi munye.


Uma esezikhiphile zonke ezakhe, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba ziyalazi iphimbo lakhe.


Ngokuba kuyakufika isikhathi abangayukuyamukela ngaso imfundiso elungileyo, kodwa bayakuzibuthela abafundisi ngokwezinkanuko zabo nangokubatshwa kwezindlebe zabo.


Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.


Anginilobelanga ngokuba ningalazi iqiniso, kodwa ngenxa yokuthi niyalazi nokuthi akukho manga avela eqinisweni.


ngiyayazi imisebenzi yakho, ukusebenza kanzima, nokubekezela kwakho, nokuthi awubabekezeleli ababi, nokuthi wabavivinya labo ababezibiza ngabaphostoli bebe bengesibo, wabafumana beqamba amanga.