Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Johane 1:7 - IsiZulu 2020

Wezela ukuba ngufakazi, ofakaza ngokukhanya ukuze bonke abantu bakholwe ngaye.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Lowo wezela ubufakazi ukuba afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Yena wezela ubufakazi, ukuze afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Yena wezela ubufakazi, ukuze afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye.

Uka jalj uñjjattʼäta



Johane 1:7
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Niyabona-ke, sengizakuthumela isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ethempelini layo ngokuphazima kweso; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bhekani, siyeza,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kepha bonke abamemukelayo, labo abakholwa egameni lakhe, wabapha igunya lokuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu,


UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Lona nguye engikhulume ngaye ngathi: ‘Emva kwami kuza lowo omkhulu kunami, ngokuba wayekhona ngaphambi kwami.’ ”


Lokhu kungubufakazi bukaJohane, lapho abaJuda bethumele abaphristi nabaLevi bevela eJerusalema ukuba bambuze, bathi: “Wena ungubani na?”


Kuthe ebona uJesu edlula, wathi: “Nanti iWundlu likaNkulunkulu.”


Kwakungukukhanya kweqiniso, okukhanyisa bonke abantu, okwase kuza ezweni.


UPawula wayesethi: “UJohane wabhabhadisa ngombhabhadiso wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguYena ozakufika emuva kwakhe; lowo nguJesu.”


Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuJesu Khristu.


Ngikhanyisele bonke abantu ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala konke,


othanda ukuba bonke abantu basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.


Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke;


INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye becabanga ukuthi ilibele, kepha iyanibekezelela, ngoba ingafuni kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke bafinyelele empendukweni.