Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Johane 1:3 - IsiZulu 2020

Konke kwavela ngaye; akukho lutho olwadalwayo kukho konke okudaliweyo, olungavelanga ngaye.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Zonke izinto zenziwa nguye; ngaphandle kwakhe akubangakho lutho olwenziwe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Zonke izinto zenziwa nguye; ngaphandle kwakhe akubangakho lutho olwenziwe.

Uka jalj uñjjattʼäta



Johane 1:3
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.


UNkulunkulu wayesethi: “Masenze abantu babe ngumfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nomhlaba wonke, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.”


Izisekelo zomhlaba wazibeka kwasemandulo, namazulu angumsebenzi wezandla zakho.


Ngezwi nangomoya womlomo kaSimakade, kwadalwa amazulu namabandla wonke.


ngangiseduze kwakhe, ngiyingcweti yomsebenzi, ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla, ngiyintokozo yakhe, ngidlala phambi kwakhe sonke isikhathi.


Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; yizandla zami ezaleneka izulu, ngayala wonke amaviyo alo.


Ngokuba usho kanje uSimakade, owadala izulu, uNkulunkulu, owabumba umhlaba; wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize; wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguSimakade, akekho omunye.


ULizwi wayekhona ezweni. Izwe lavela ngaye, kodwa izwe alimazanga.


Yena lowo, wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu.


kodwa kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela konke kuye, futhi esiphilela Yena, neNkosi yinye, uJesu Khristu, okungaye kukhona konke, nathi sikhona ngaye.


Ngikhanyisele bonke abantu ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala konke,


Ngokukholwa, siqonda ukuthi umhlaba wadalwa ngezwi likaNkulunkulu, kwaze kwathi kulokho okungabonakaliyo kwavela okubonakalayo.


Yilowo nalowo okholwa wukuthi uJesu unguKhristu, uzelwe nguNkulunkulu. Lowo othanda ozelweyo uthanda nomzeleyo.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikheya loba, ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:


“Ufanele Wena Nkosi noNkulunkulu wethu ukwemukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wadala izinto zonke, futhi zonke zikhona, zadalwa, ngokuthanda kwakho.”