Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 8:9 - IsiZulu 2020

Kwakukhona indoda ethile igama layo kunguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, imangalisa abantu abaningi baseSamariya, izishaya umuntu omkhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kepha kwakukhona indoda ethile, nguSimoni igama layo, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, isimangalisa isizwe saseSamariya, izishaya umuntu omkhulu;

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kepha kwakukhona indoda ethile, igama layo linguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, ibhuqa abantu baseSamariya, izitshela ukuthi ingumuntu omkhulu;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kepha kwakukhona indoda ethile, igama layo linguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, ibhuqa abantu baseSamariya, izitshela ukuthi ingumuntu omkhulu;

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 8:9
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UFaro wayesebiza amadoda ahlakaniphileyo, abalumbi, nosomlingo baseGibhithe, nabo benza okufanayo ngemilingo yabo.


Kepha nosomlingo baseGibhithe nabo, ngemilingo yabo, benza into efanayo, ngakho-ke inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akavumanga ukubadedela, njengalokhu uSimakade ayeshilo.


Osomlingo abakwazanga ukuma phambi kukaFaro ngenxa yamathumba, ngoba nabo babehlaselwe ngamathumba nabo bonke abaseGibhithe.


“ ‘Nalowo muntu oyakuphendukela kwabanamadlozi nakwabathakathayo ukuba aphinge nabo, ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.


Ozikhulumela ngokwakhe ufuna udumo lwakhe, kodwa ofuna udumo lwalowo omthumileyo, lowo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.


Sebedabulile esiqhingini sonke, baze bayofika ePhafu, bafumana indoda thize lapho eyabe ingumlumbi nomphrofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe kunguBharjesu,


Kepha u-Elimasi, umlumbi, ngokuba yigama lakhe lelo uma lihunyushwa, wamelana nabo, efuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.


Ngokuba kulezi zinsuku ezedlule, kwasuka uThewuda wazenza umuntu omkhulu; waba nabalandeli, amadoda angaba ngama-400. Wabulawa, kwathi bonke abamlalelayo, bahlakazeka baphela nya.


Babemnakile ngoba isikhathi eside wayebamangalisa ngemilingo yakhe ayenzayo.


omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.


Ngokuba abantu bayakuba ngabazithandayo, abathandimali, abazigabisayo, abazidlayo, abahlambalazayo, abangabalaleli abazali, abangabongiyo, abahlazisayo,


abanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kodwa bewaphika amandla okukholwa; labo-ke wobagwema.


Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo.


Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.