U-Israyeli waphuma eKhanani nakho konke ayenakho, kwathi lapho efika eBheri Sheba, wenzela uNkulunkulu kayise u-Isaka umhlatshelo.
IzEnzo 7:15 - IsiZulu 2020 UJakobe wehlela eGibhithe; wafela khona, yena nawokhokho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJakobe wehlela eGibithe; wafa yena nawobaba. Baasraak Zulu New Testament Bible UJakobe wehlela eGibithe, wafa, yena nawobaba bethu; Contemporary Zulu Bible 2024 UJakobe wehlela eGibithe, wafa, yena nawobaba bethu; |
U-Israyeli waphuma eKhanani nakho konke ayenakho, kwathi lapho efika eBheri Sheba, wenzela uNkulunkulu kayise u-Isaka umhlatshelo.
lapho sengilele kobaba, ubongithwala, ungikhiphe eGibhithe uyongingcwaba ethuneni lobaba.” UJosefa wathi: “Ngizokwenza njengoba ushilo.”
Lapho uJakobe eseqedile ukukhuluma namadodana akhe, wagoqa izinyawo wazikhweza embhedeni, waphuma umphefumulo, wangcwatshwa nabakubo.
UMose wathatha amathambo kaJosefa, wahamba nawo, ngokuba wayebafungisile abantu bakwa-Israyeli, wathi: “Impela uNkulunkulu uyakunihambela ngokwempela, anikhulule, niyakuwathwala amathambo ami lapha.”
ukuthi okhokho bethu behlela eGibhithe, sahlala eGibhithe isikhathi eside; abaseGibhithe basiphatha kabi thina nokhokho bethu.
Okhokho bakho babengama-70 ngesikhathi behlela eGibhithe; manje uSimakade uNkulunkulu wakho ukwenzile waba lukhumbintethe ngangezinkanyezi zezulu.”
Wena uyophendula phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Ukhokho wami wayengumAramu owayezulazula, wehlela eGibhithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe esikhulu khona, esinamandla nesiningi.
Amathambo kaJosefa ayekhushulwe ngabakwa-Israyeli eGibhithe, bawangcwaba eShekhemi esiqeshini somhlaba esasithengwe nguJakobe emadodaneni kaHamori, uyise kaShekemi, ngamakesita ayikhulu, saba yifa labantu bakwaJosefa.
U-Isaka ngamnika uJakobe no-Esawu. Ngamnika u-Esawu elezintaba kuze kube seSeyiri ukuba alidle libe yifa lakhe, kodwa uJakobe nabantwana bakhe behlela eGibhithe.