Ngakho-ke uJesu wathi enduneni: “Ngaphandle kokuba nina nibone izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa.”
IzEnzo 6:8 - IsiZulu 2020 UStefani, egcwele umusa namandla, wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uStefanu egcwele umusa namandla wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha uStefanu egcwele ukholo namandla wenza izimangaliso nezimangaliso ezinkulu phakathi kwabantu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uStefanu egcwele ukholo namandla wenza izimangaliso nezimangaliso ezinkulu phakathi kwabantu. |
Ngakho-ke uJesu wathi enduneni: “Ngaphandle kokuba nina nibone izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa.”
Bonke ababesemkhandlwini bamgqolozela uStefani, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.
Qokani phakathi kwenu, bazalwane, amadoda ayisikhombisa anegama elihle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esiyakuwamisa ukuba enze lo msebenzi.
Leli lizwi lathakaselwa yilo lonke ibandla, base bekhetha uStefani, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, uFiliphu, uPhrokhoro, uNikhanori, uThimoni, uPharmena, noNikholawu, oyiphroselithe lase-Antiyokhiya.
Kepha yena, egcwele uMoya oNgcwele, wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu,
Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakushiwo nguFiliphu, zizwa, futhi zibona izibonakaliso ayezenza.
NguYena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaphrofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi,
Ngokuba lawo akhonze kahle, azuza igama elihle nesibindi esikhulu ekukholweni kuKhristu uJesu.