IzEnzo 6:5 - IsiZulu 2020 Leli lizwi lathakaselwa yilo lonke ibandla, base bekhetha uStefani, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, uFiliphu, uPhrokhoro, uNikhanori, uThimoni, uPharmena, noNikholawu, oyiphroselithe lase-Antiyokhiya. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla; base bekhetha uStefanu, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite* lase-Antiyokiya, Baasraak Zulu New Testament Bible Lelizwi lathokozisa ixuku lonke, basebekhetha uStefane, indoda egcwele ukholo loMoya oNgcwele, loFiliphu, loProkoro, loNikanori, loTimoni, loParmena, loNikolasi umproselithe waseAntiyoki; Contemporary Zulu Bible 2024 Lelizwi lathokozisa ixuku lonke, basebekhetha uStefane, indoda egcwele ukholo loMoya oNgcwele, loFiliphu, loProkoro, loNikanori, loTimoni, loParmena, loNikolasi umproselithe waseAntiyoki; |
Impendulo ezothile iyaludambisa ulaka, kodwa izwi elilimazayo libhebhezela intukuthelo.
Umuntu uyathokoza ngempendulo yakhe, nezwi elikhulunywa ngesikhathi esifaneleyo lihle kakhulu.
Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade, ubulungiswa nesibindi, ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe no-Israyeli ngesono sakhe.
“Maye, kinina zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba niwela ulwandle, nidabule amazwe ukuba nithole abe munye ophendukela enkolweni yenu, athi esephendukile, nimenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!
Kepha labo ababehlakazekile ngenxa yokuhlushwa okwaqala ngoStefani, bahamba baze bayofika eFenikhe, eKhuphro, nase-Antiyokhiya, bengakhulumanga zwi nakoyedwa, ngaphandle kwabaJuda.
Kepha abanye kubo, amadoda ayevela eKhuphro naseKhurene, kwathi ukuba bafike e-Antiyokhiya, bakhuluma nakumaGriki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.
Umbiko ngabo wafinyelela ezindlebeni zebandla laseJerusalema, lathumela uBharnabha ukuba aye e-Antiyokhiya.
Wayeyindoda elungile, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.
Kwathi ukuba amfumane, wamyisa e-Antiyokhiya. Kwenzeka ukuba bahlanganyele ebandleni isikhathi esiwunyaka, befundisa abantu abaningi. Kwaqala-ke e-Antiyokhiya ukuba abafundi kuthiwe ngamaKhristu.
Kwakukhona ebandleni lase-Antiyokhiya abaphrofethi nabafundi: uBharnabha, uSimeyoni okuthiwa uNigeri, uLukhiyu waseKhurene, uManayeni umnawabo kaHerode, umThethrarkhi noSawula.
Ngakho-ke kwaba kuhle kubaphostoli, kumalunga, nakulo lonke ibandla ukuba kukhethwe amadoda phakathi kwabo, athunyelwe e-Antiyokhiya noPawula noBharnabha, bakhetha uJuda okuthiwa uBharsabha noSila, ababengabaholi phakathi kwabazalwane.
Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela.
Ngakusasa sahamba saze safika eKhesariya, sangena emzini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa, sahlala naye.
futhi namhla kuchithwa igazi likaStefani, ufakazi wakho, ngangimi khona lapho nami, ngivumelana nokwakwenzeka, ngiqaphe izingubo zabambulalayo.’
Qokani phakathi kwenu, bazalwane, amadoda ayisikhombisa anegama elihle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esiyakuwamisa ukuba enze lo msebenzi.
UStefani, egcwele umusa namandla, wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu.
Kepha okuhle ngawe yilokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikholawu, engiyizondayo nami.