Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza.
IzEnzo 5:4 - IsiZulu 2020 Le ndawo ingakathengiswa bekungesiyo yini eyakho na? Lapho seyithengisiwe ibingekho yini emandleni akho na? Pho yini unqume ukwenza lobu bubi enhliziyweni yakho na? Awuqambanga nje amanga kubantu kodwa kuNkulunkulu.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lisekhona belingesilo elakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Uyibekeleni leyo nto enhliziyweni yakho na? Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.” Baasraak Zulu New Testament Bible Isekhona ibingesiyo eyakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Ufakeni le nto enhliziyweni yakho na? awuqambanga amanga kubantu, kepha kuNkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Isekhona ibingesiyo eyakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Ufakeni le nto enhliziyweni yakho na? awuqambanga amanga kubantu, kepha kuNkulunkulu. |
Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza.
Futhi njengokuba ngiyayithanda indlu kaNkulunkulu wami, nginengcebo yegolide nesiliva, ngiyakunikela endlini kaNkulunkulu wami, phezu kwakho konke engikulungisele indlu engcwele,
igolide lokwegolide, nesiliva lokwesiliva, yebo, kuwo wonke umsebenzi wezandla zezingcweti. Ngubani pho othokozela namuhla ukuzehlukanisela uSimakade na?”
Abantu bajabula ngokunikela kwabo ngenhliziyo, ngokuba banikela ngenhliziyo epheleleyo kuSimakade; naye uDavide, inkosi, wajabula ngokujabula okukhulu.
Ngaphambi kokuba ngiphimise izwi ngomlomo wami, Wena Simakade usuke usukwazi konke.
UMose wayesethi: “Lapho uSimakade enipha inyama ukuba nidle kusihlwa, nesinkwa esanele ekuseni, kungokuba uSimakade ekuzwile enikhononda ngakho ngaye, thina-ke besingobani? Ukukhononda kwenu anikubhekisile kithi, kodwa kuSimakade.”
Bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, baletha ngokukhululeka noma yini ukuze kwenzeke umsebenzi uSimakade ayemyalile uMose ukuba wenziwe, bakuletha kuSimakade njengomnikelo wesihle.
Akekho omemeza ngokulunga, akekho nowehlulela ngeqiniso; bethembela kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe ububi, bazala inkohlakalo.
“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kuyakuthi ngalolo lusuku kufike imizindlo enhliziyweni yakho, bese uceba amacebo amabi.
Ngakho-ke wena nalo lonke iviyo lakho nihlanganele ukuzomelana noSimakade. Ubeyini u-Aroni ukuba ningaze nikhononde ngaye na?”
“Onizwayo nina, uyangizwa Mina; onganemukeli nina, akangamukeli Mina; ongangemukeli Mina, akamemukeli ongithumileyo.”
UPhethro wayesethi: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle ingxenye yemali yezwe na?
Kepha uPhethro wathi kuye: “Kungani nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Uyabona-ke, izinyawo zabangcwabe umyeni wakho zisemnyango, nawe-ke bazakukukhiphela phandle.”
Ukudla akusisondezi kuNkulunkulu, ngokuba uma singadli, asilahlekelwa yilutho, noma sidla, asizuzi lutho.
Ngakho-ke okwalayo lokhu akali umuntu, kodwa wala uNkulunkulu, okunguYena oninika uMoya wakhe oNgcwele.
Kepha angithandanga ukwenza utho ngaphandle kwemvume yakho, ukuze okuhle okwenzayo kungabi ngokuphoqwa, kodwa kube ngokuthanda kwakho.
Phela uma inkanuko isibambile, izala isono; nesono uma sesiphelelisiwe, sizala ukufa.
USimakade wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakusho kuwe, ngokuba akuwena abakulahlayo, kodwa balahle Mina, ukuba ngingabe ngisaba yinkosi phezu kwabo.